Umlingisi ukhuthaza intsha efuna ukungena kulo mkhakha

Linda Ximba

UDudu Ngcobo oneminyaka engu-51, ongumlingisi owazalelwa eThekwini, owenza ababukeli bomdlalo Uzalo behlezi bethe njo komabonakude babo, wangena endimeni yokulingisa ngenhlanhla.

Wathola indawo yakhe yokuqala yokulingisa eneminyaka engu-49 kanti uthi ubengazitsheli ukuthi angaziphilisa ngokulingisa.

UDudu udlala indawo kaDr Qwabe onenhliziyo embi kwi-Durban Gen ku-e-tv aphinde adlale indawo kaBabekazi kuZalo njengomlingisi onomoya omuhle othanda utshwala bakhe kanti  abalandeli bakhe bakhala ngekhono lakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngesikhathi ehambele inkundla yokucobelelana ngolwazi ebihlelwe ngumlingisi uNgabade Mazibuko e-Bat Centre, eThekwini ngoLwesibili, uthe ukhule ezenza umfana.

“Kodwa ngo-2014 umakhelwane wami owayefunda e-Africa Film Drama Art (Afda) wangicela ukuthi ngimsize. Babenikwe umsebenzi wokuthi bahlanganise i-telenovela futhi wangicela ukuba ngibambe iqhaza kuyo. Ngavuma ngokunqikaza ngoba angikaze ngizibone ngiwumlingisi. Ngenhlanhla bekukhona izincgweti eziqhamuka ezinkampanini  ezahlukene zokulingisa.”

Uthe ngemuva komdlalo izingcweti ziye zayithanda indlela alingise ngayo zamgqugquzela ukuthi azame ukulingisa.

“Kusukela lapho angibange ngisabheka emuva,” kusho uDudu.

Useke walingisa nakwiSithembiso, u-Muvhango, eHostela kanye ne-Greed and Desire.

UDudu uthe ujabule njengoba engashadile futhi uyakujabulela ukukhulisa izingane zakhe ezintathu nabazukulu.

Lo mlingisi ubesesikhungweni sokucobelelana ngolwazi i-Durban Top Ten e-Bat Centre ezokhuthazq abalingisi abasafufusa. Ubonge uNgabade Mazibuko oseke wabonakala kwi-Generations: The Legacy ngokuqhamuka neqhinga elihle lokufukula ithalente entsheni.

Izihloko zakamuva