Umlingisi udalule izindaba ezishaqisayo kumabonakude

Isihlabani sase-Hollywood uJane Fonda wake wacelwa ucansi umqondisi wamafilimu owayefuna “ukubona ukuthi i-orgasms yakhe injani” ngengxenye yefilimu.

UFonda ukhiphe lezi zindaba ngesikhathi evele kumabonakude ngesikhathi ekhangisa ifilimu yakhe yakamuva ethi-Book Club: The Next Chapter.

Lo mlingisi (83) udalule izindaba zokuhlangana nomqondisi wase-France uRené Clément ngo-1964 ngesikhathi kuqoshwa ifilimu ethi-Joy House.

Nakuba isicelo sikaClément (51) kuFonda (27) ngaleso sikhathi sasingeyona into engavamile “kwi-Swinging Sixties” izizathu zakhe zazingavamile.

UClément wathi indima yakhe kwifilimu idinga ukuzwa i-orgasm nokuthi ufuna “ukubona ukuthi i-orgasm kaFonda injani.”

UFonda wazenza isithutha. Ngesikhathi umqondisi enza lesi sicelo ngesi-French wenza sengathi akaqondi ngoba egwema isimo esimenza angakhululeki.

Umethuli wohlelo i-Watch What Happens Live u-Andy Cohen akakwazanga ukufihla ukumangala kwakhe ngesikhathi uFonda edalula lezi zindaba ezishaqisayo ngesibindi mayelana nokuqoshwa kwefilimu alingisa kuyo no-Alain Delon.

Lo mlingisi uphinde wenza ihlaya ngokuthi unezindaba ezithokozisayo nakakhulu wathi “Nginezindaba eziningi kodwa asinaso isikhathi.”

UFonda ubelokhu engomunye wabantu abakhuluma izindaba ezishaqisayo njengoba phambilini eke wanikeza uDrew Barrymore i-vibrator eluhlaza okwesibhakabhaka ngesikhathi ebonakala kwi-Drew Barrymore Show.

Kubonakala sengathi ngisho nangemuva kweminyaka engu-16 kule ndima uFonda uyaqhubeka nokudonsa izithameli ngezindaba zakhe ezingafihli lutho.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UJane Fonda

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva