Robert Tlapu
Isexwayiso: Lolu daba luqukethe ukuphoxeka ngomdlalo kamabonakude i-Gomora. Uma ungakaze uyibuke, ungaqhubeki ufunde lolu daba.
Isihlabani somlingisi emdlalweni kamabonakude i-Gomora, uDon, isigebengu esidume ngelika-Israel Matseke Zulu, uphoqeleke ukuthi ashiye kulo mdlalo njengoba exinwe ukugula okungakacaci.
UDon, ungqondongqondo wokudunwa kwezimoto, uphume ngesitayela ngesikhathi edutshulwa ebulawa umama wendodana yakhe, uZodwa.
UZulu ongumlingisi owazalelwa e-Alexandra, umemezele ukuthi uyawushiya umdlalo kamabonakude othandwa kakhulu ngenxa yokugula.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko lo mlingisi oneminyaka engama-47 ubudala uvumile ukuthi unesifo esimenza angakwazi ukwenza into ayithanda kakhulu, kodwa akazange aphumele obala ngokuthi uphethwe ukugula okunjani.
“Kuyiqiniso ukuthi ngithole ukuthi nginesifo esiphazamise kakhulu ukusebenza kwemilenze yami okwenza kube nzima ukuthi ngihambe kahle futhi ngiyaphazamiseka uma kuqoshwa emsebenzini,” usho kanje.
“Futhi kwenza kube nzima kimina ukucula njengeciko, noma ngifake imidanso ongazi ngayo uma ngimenywe emicimbini.”
Uthe lolu hlelo belusondele kakhulu enhliziyweni yakhe kusukela lwaqala, ikakhulukazi njengoba luqoshelwa e-Alexandra.
Uthe uthanda ukungena ngokugcwele uma esohlelweni olubaluleke ngempela kuye.
“Angikwazanga ukukwenza lokho ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngaze ngacela ukuthi ngikhishwe ohlelweni,” usho kanje.
Ubonge abadidiyeli bohlelo nabalingisi asebenza nabo ngethuba alithola futhi waxolisa kubalandeli bakhe ngokuphuma kwakhe kungazelelwe.
“Ngijabule kakhulu ngokudlula esigabeni engikholwa ukuthi yisona esibi kakhulu esimweni sami. Ngibonga wonke umuntu ngemiyalezo nemithandazo enomusa ngalesi sikhathi.”