Kamogelo Olaitan
Umlingisi wodumo wakuleli uJohn Kani usanda kuqeda ukuqopha ifilimu yokuqala ye-Netflix i-Murder Mystery 2 nosomahlaya u-Adam Sandler.
UKani uveze lokhu ngesikhathi enengxoxo ne-Cape Talk ngoLwesithathu.
I-Murder Mystery 2 ilandela ifilimu yango-2019, i-Murder Mystery, lapho umlingisi ongumakadebona edlala indawo kaColonel Ulenga.
Njengasefilimini yokuqala lo mlingisi oneminyaka engu-79 ubudala wase-Eastern Cape uzobe elingisa nosomahlaya u-Adam Sandler nomlingisi wase-Hollywood uJennifer Aniston.
UKani uthe ubeqeda ukuqopha ifilimu e-Paris; baphinde baya e-Hawaii nase-London. “Ngisebenza komunye umsebenzi futhi,” kusho yena.
I-Murder Mystery iveza indaba yephoyisa lase-New York uNick elidlalwa nguSandler nonkosikazi wakhe u-Audrey bevakashele eholidini lase-Europe ukuze bavuselele uthando emshadweni wabo.
Kamuva babhecwa ngobubende inyama bengayidlanga ngokushona kukasozimali futhi lokho kubaphoqa ukuthi babaleke.
Ifilimu iqondiswa nguJeremy Garelick futhi izokhonjiswa ku-Netflix ekuqaleni konyaka ozayo.
Umthombo wesithombe:@EveningStandard