Umlingisi nomculi odumile uBra Mac ubekwe endaweni yokugcina ngoMgqibelo

Doreen Mokgolo

Umlingisi nomculi odumile, uMacDonald “Bra Mac” Mathunjwa, ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo ekuseni Kwa-Thema, e-Springs e-Ekurhuleni.

UBra Mac ubaziwa ngendima yakhe yamahlaya emidlalweni eyahlukene yamahlaya yakuleli okubalwa kuyo iKhululeka, i-Stokvel ne-Soul City. Kodwa eminye imisebenzi kaMathunjwa ebaluleke kakhulu ubeyenza ngenkathi ikhamera icishiwe.

Ubehola phambili i-Living Legends Fraternity Trust, elwela ukuthi umsebenzi wezingqalabutho eziphilayo waziwe, ubonwe, uvikelwe futhi ugqugquzelwe ngisho nangemva kokushona kwabo.

UMathunjwa uphinde wakhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekulweni nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kubantu abasha ngobuciko Kwa-Thema.

Ikhansela lewadi nomngani wakhe uJohannes Sibeko ukhumbule uBra Mac ngenhliziyo yakhe enkulu nangokuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni iKwa-Thema.

“Ngaphambi kokushona kwakhe ubesebenza nabenzi bamabhayisikobho abancane nabasekhaya emkhankasweni wakhe omusha. Ubambe elikhulu iqhaza ekuqoqeni imali yamaphrojekthi amaningi entuthuko ngesikhathi engahambeli umhlaba wonke ngokomsebenzi,” esho.

Ngesikhathi kunenkonzo yakhe yesikhumbuzo ebiKwa-Thema Community Hall ngaphambi nje komngcwabo, umngani wakhe omkhulu nolingisa naye uSimphiwe Nkosi, ukhwele wadilika kuMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngokuhluleka ukunakekela amaciko aze ashone.

“UMnyango ubonakala kuphela emingcwabeni yabaculi, ukhiphe ukhaphethi obomvu nekhasikhethi labo bese wabelana ngemisebenzi yabo. UMathunjwa njengabanye abaculi, ushone edonsa kanzima esesibhedlela sikahulumeni futhi elwela yena namanye amaciko abakweletwa imali yabo,” kusho uNkosi.

Ubuye wengeza ukuthi kunezinsuku lapho izingane zikaMathunjwa bezilala zingadlile kodwa ubaba wazo engusaziwayo kwezobuciko ohlonishwa umhlaba wonke.

“Unezinhlelo eziningi zamafilimu ezinhle kodwa ngokuntuleka kwemali noxhaso oluvela emnyangweni akukho lutho oluyoke luphume kuzo.”

“UBra Mac” Mathunjwa ushonele esibhedlela i-Pholosong ngenxa yezinkinga ezihlobene nokhuvethe ngoLwesithathu.

Izihloko zakamuva