Doreen Mokgolo
Ngesikhathi umngani ka-Enock Mmutlane emncenga ukuthi angahambi ngobusuku obunesiphepho, wenqaba.
Umhlali wase-Devon wayenethemba lokuthi uzofika ngokuphepha emzini wakhe eqhele ngamakhilomitha angu-1.5.
Waba nesibindi wahamba, kodwa kwathi sekusele imizuzu embalwa ukuthi afike endaweni ephephile emzini wakhe, wabe esehlangabezana neshwa.
Amaphoyisa asola ukuthi washaywa umbani washonela endaweni yesigameko.
Amathambo akhe atholwe yinja yakwamakhelwane e-Palmietkuil Farm, e-Devon, ngoLwesine, ngemuva kwamasonto amabili elahlekile.
Umndeni wazise amaphoyisa ngokutholakala kwalesi sigameko.
Umngani wakhe uSipho Twala oneminyaka engam-45 uthe ubekhathazekile ngesikhathi kudlula izinsuku ezimbili engezwanga lutho ngo-Enoch.
“Bekungafani nokuthi ahlale izinsuku engekho njengoba sihlezi sihlangana uma siphuma emsebenzini. Ngathatha isinqumo sokuthi ngiyombheka, kodwa wayengekho futhi akekho owayembonile noma ozwile ngaye.
“Besicabanga ukuthi unesimo esiphuthumayo somndeni futhi sithemba ukuthi uzogcina efikile.”
USipho uthukile ngesikhathi amaphoyisa embiza ezokhomba izingubo ezisendaweni yesigameko.
“Ngebhadi bekuyizingubo ayezigqoke ngobusuku aduka ngabo.
“Ibuhlungu inhliziyo yami ngalokhu, ngifisa ukube ngagcizelela ukuthi akalinde kuze kunqamuke imvula,” kuchaza uSipho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Devon, uSibongile Ndlela, uthe uphiko lwe-K-9 lubizelwe ukuthi lizosiza ekulandeleni isidumbu.
“Eduze nalapho bethole khona ugebhezi lwekhanda kutholwe amanye amathambo nezingubo zomuntu. Amathambo ayiswe emakhazeni ase-Heidelberg ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Amaphoyisa avule icala lophenyo ngokushona kwakhe.”