Lubhalwe nguSihle Mavuso
Umlilo wequbula okukholakala ukuthi uqale ngeSonto ngesikhathi umoya onamandla uhlasele enyakatho yeKwaZulu-Natal udale umonakalo omkhulu edolobheni laKwaNongoma.
Yilapho-ke lo mlilo obhebhetheke khona waze wayofika endaweni egcina impahla yakwa-Spar waKwaNongoma enyakatho yesifundazwe.
Abazibonele bathe umlilo ubulokhu ubhebhetheka kancane usondela kwa-Spar nakwamanye amabhizinisi aseduze kanti kuthiwa akukho okwenziwe ukuwunqanda.
Ngezithuba zabo-3 ntambama umlilo ubungasalawuleki washisa indawo egcina impahla yesitolo esikhulu, esingezinye ezinkulu edolobheni elincane.
“Umlilo uqale esigangeni esiseduze waze wayofika esitolo washisa indawo egcina impahla ebigcwele isitokwe esizodayiselwa umphakathi.
“Kunezinsolo zokuthi isitolo esikhulu sibikele umasipala (waKwaNongoma) ngenxa yokuthi bebeshoda ngezinsizakusebenza, abakwazanga ukuwuvimba” kusho omunye ozibonele.
Umphathi wesitolo ocele ukungadalulwa ukuqinisekisile kwa-Scrolla.Africa ukuthi indawo yabo egcina impahla ishe yangqongqa ngenxa yomlilo oqale kwenye yamasimu.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi unqandiwe futhi awuzange ushise yonke inxanxathela yezitolo efukamele nesitolo sabo esikhulu.
Ibamba lemenenja kamasipala waKwaNongoma, uMnuz Sipho Nkosi kanye neMeya uClifford Ndabandaba, bebengalubambi ucingo ngesikhathi i-Scrolla.Africa ifuna ukuthola uhlangothi lwayo mayelana nezinsolo zokuthi bahlulekile wukunqanda umlilo ungakafiki ngaphambi kokuba ufike esitolo sakwa-Spar.
Esithombeni ngenhla: Umlilo wequbula ocekele phansi impahla KwaNongoma.
Umthombo: X