Umlilo wasemjondolo ubulale owesifazane, washiya imindeni engama-48 ingenemakhaya

Xolile Nkosi

Kushone owesifazane kwathi umfana osemusha washa kanzima ngesikhathi imijondolo yabo isha.

Umlilo oqale ngeSonto emijondolo yase-Marikana e-Cato Crest, eThekwini kusolwa ukuthi ubangelwe izinyokanyoka.

Lo mlilo ushiye imindeni engama-48 ingenamakhaya.

UThanduxolo Sicebu, ongubaba waleli bhungu elishe kanzima uthe basindiswe yindodana yakhe ememeze kakhulu ngesikhathi ibona umlilo. Umndeni ulahlekelwe ngumuzi wabo nazo zonke izimpahla zabo emlilweni.

Umlilo uqale emjondolo kamakhelwane kaThanduxolo, uNomasamson Dlamini oshe wangqongqa.

NgoMsombuluko, uThanduxolo neminye imindeni eminingi bebekhuculula imfucumfucu yamakhaya abekade eyiwo.

“Asinakho esingakusebenzisa ukwakha kabusha umjondolo wethu. Izingane zami bezingenaso ngisho isikhathi sokugcina izincwadi zazo zesikole. Balahlekelwe yikho konke,” kusho uThanduxolo.

“Siphoqelekile ukufuna indawo yokuhlala komakhelwane.”

ULuck Mlungwana uthe uvuswe umsindo wabantu abebememeza becela usizo wathi uma ephuma, umlilo ubusondele kakhulu futhi usondela ngokushesha.

“Bekufanele ngibalekele impilo yami ngoba bengingenaso isikhathi sokubuyela ngaphakathi endlini yami ngiyothatha izinto zami eziyigugu. Ukuphela kwento ebisengqondweni yami ukuya endaweni ephephile. Njengamanje, angazi ukuthi ngizolala kuphi ngoba konke enginakho yizingubo engizigqokile.”

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uKaputeni Nqobile Gwala uthe bavule uphenyo.

Izihloko zakamuva