Umlilo ucekele phansi izitolo e-Mt Ayliff 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Umphakathi wase-Mt Ayliff, e-Eastern Cape ububhekene nengwadla yokucishwa kukagesi ngeSonto ekuseni ngesikhathi ubona kuqhamuka intuthu emnyama esitolo esikhulu iSiza.

Kungekudala umlilo oqale kwesinye isitolo ubusudlulele nakwezinye izitolo ezimbili ezishe zontathu zaba umlotha.

UMohamid Abrahman osekuphele iminyaka engu-20 engumnikazi wesitolo iSiza kanye nendawo yokugcina izinto eseceleni kwaso, uthe umonakalo odalwe yilo mlilo ngeke ulungiseke.

“Bekuyizithuba zehora lesishiyagalombili ekuseni ngesikhathi umlilo uqubuka ophahleni ngemuva uya ngaphambili. Ngilahlekelwe yikho konke ngoba umlilo ubunamandla kangangokuthi asikwazanga ukusindisa lutho ngaphandle kwezimpilo zethu,” esho.

Omunye wabasebenzi basesitolo iSiza, uBabini Sabisa uthe ukulahlekelwa umsebenzi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi yinto yokugcina abengayicabanga.

“Anginazo izinhlelo zokuya phambili ngoba ngithembele kulo msebenzi, kodwa angiziboni ngibuyela ekhaya eNtabankulu. Ngizohlala lapha ngifune omunye umsebenzi – mhlawumbe kukhona okuzoqhamuka,” esho.

Abezicishamlilo kanye nabezokuhlangula esifundeni i-Alfred Nzo bathole umbiko womlilo ngo-8:30 ekuseni.

Okhulumela abezicishamlilo uZolile Vuko uthe okwamanje akukacaci ukuthi yini imbangela yomlilo.

“Ngesikhathi sifika elinye ibhilidi belivutha, kodwa asikwazanga ukucima umlilo ngaphakathi ebhilidini elifanayo ngoba bekunephaseji eduze kwesitolo ebelivaliwe linendawo encane yokudlula kanti yilokho kanye okwenze ukuthi umlilo ubhebhetheke,” esho.

“Kuningi okuhlengiwe mayelana nokuqubuka kwalo mlilo, kodwa kwenzeke umonakalo omkhulu. Sikwazile ukunqanda umlilo e-Mt Ayliff Motor Spares sasindisa nezitolo ezintathu okubalwa kuzo i-Boxer Super Stores.”

Ngesikhathi bengena kulesi sitolo ezinsukwini ezintathu ezedlule, uVuko uthe babone ukuthi amabhilidi abegcwele ngokweqile izimpahla bezigcwele kusukela phansi kuya phezulu ophahleni.

Esithombeni esingenhla: Izitolo ezishile e-Mt Ayliff

Umthombo wesithombe: Thabisa Ndzindzwa

Izihloko zakamuva