Umlilo oqubuke emijondolo ushiya amakhulu abantu bengenamakhaya

Lungani Zungu

Bangaphezu kwabangama-600 abantu, okubalwa nezingane, abasale dengwane ngesikhathi imijondolo yabo ishiswa ngumlilo.

Akwaziwa ukuthi yini imbangela yomlilo oshise imijondolo engama-200 yase-Briardene, enyakatho yeTheku ngeledlule.

Ezinye izisulu, manje ezihlaliswe etendeni elihlinzekwe ngumuntu ongumSamariya olungileyo ongaziwa, zisola ukuthi kungenzeka kube ikhandlela ebelinganakiwe komunye umjondolo.

UThapelo Mohati ulahlekelwe yikho konke okubalwa nemibhalo yakhe ebalulekile ngesikhathi kusha umjondolo wakhe onamagumbi amathathu.

“Sekumele ngiqale phansi manje. Anginalutho ngaphandle kwezingubo engizigqokile,” kusho uMohati etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngijabule nje ukuthi izingane zami ezintathu ziphephile.”

UMohati osehlale emjondolo cishe iminyaka engamashumi amathathu ubephakathi kwamaqhawe angena indlu ngendlu, etakula abanye abahlali kulo mlilo.

“Ukuphepha kwabantu bekuhamba phambili. Bekumele senze isiqiniseko sokuthi akekho umuntu oshonele lapha,” kusho uMohati oneminyaka engama-38.

“Selokhu ngafika lapha kuleyo minyaka edlule, kuyaqala ngqa ukwenzeka lokhu.”

Izinhlangano ezinjengaBahlali BaseMjondolo, i-Doctors Without Borders, neMadiba Crisis Committee bezilokhu zisiza abahlali abaswele ngokudla nezingubo zokulala.

Omunye umhlali, uNkk Nomusa Mkhize, uthe ubuke engenakusiza ngesikhathi umjondolo wakhe onamagumbi amabili usha ungqongqa.

“Sengilale etendeni nendodakazi yami eneminyaka eyisikhombisa cishe izinsuku ezinhlanu manje. Angisakwazi ukukubekezelela lokhu.”

UMkhize uthe abafuni ukuzwelwa uhulumeni.

“Uma bengasisiza okungenani ngezinto zokwakha, sizokwazi ukuzakhela izindlu zethu ngokwethu,” esho.

UMkhize uthe kunezikhulu ezithile ezivela kumasipala weTheku ezibavakashele zathembisa ukuthi zizobuya.

Umasipala awutholakalanga ukuba uphawule.

Izihloko zakamuva