Kamogelo Olaitan
I-Scrolla.Afrika sishicilela ngomlando wezimpilo zezindlovukazi zase-Afrika eziyisikhombisa ezanikela ngezimpilo zazo ukuze zibumbe lo mhlaba esiphila kuwo namuhla.
Isisho seSepedi, esithi-“Mosadi utshwara thipa ka bogaleng”, esisho ukuthi “Owesifazane ubamba insimbi ishisa” siyisisho esinamandla esichaza ikhono labesifazane lokuba namandla njalo uma amadoda ehluleka, ukulwa uma kuba nzima.
Isisho sami siyisibonelo sikaNdlunkulu oyiqhawe labantu base-Ashanti, (abantu base-Ghana) uNdlunkulu uYaa Asantewaa.
Wathatha izikhali wahola abantu bakubo empini bebhekene namaNgisi, okuyinto eyayingakaze yenzeke.
UYaa Asantewaa walwela lokho ayekwazi ukuthi kwakuyisisekelo sobukhona babantu bakubo okuyiSihlalo seGolide sokhokho babo.
UYaa Asantewaa wazalwa cishe ngo-1840 ebukhosini bakwa-Asona emndenini wakwaBesease okungumndeni owawuna babusi bendabuko. Indaba yakhe mhlawumbe ingenye emangalisa kunazo zonke.
Wasukuma wahola amasosha empini bebhekene namaNgisi ngemuva kokuthi indodana yakhe iSilo uPrempeh I adingiselwe e-Seychelles ngabaholi bamakoloni.
Umbusi waseBrithani uFrederick Hodgson wayengazi ukuthi uzobhekana nobani ngesikhathi efuna ukuhlala esiHlalweni seGolide ngenkani. Ngisho namakhosi ayengavunyelwa ukuthi ahlale kuso kodwa amaNgisi ayefuna ukusiqhwaga.
Lokhu kwacasula abantu base-Ashanti ababeholwa uNdlunkulu uYaa Asantewaa ngaleso sikhathi.
Emhlanganweni wesigodi wokudingida isicelo esingamukeleki sikaHodgson, amadoda abonakala edikibala kwase kusukuma uYaa Asantewa.
“Abantu abaziqhenyayo nabanesibindi njengama-Asante bengagoqa izandla kanjani babukele abelungu bebaphuca amakhosi abo nezinduna zabo, bebalulaza ngokufuna iSihlalo seGolide? Isihlalo seGolide sisho imali kuphela kumlungu; babhekile baphinde bamba yonke indawo besifuna, uma nina makhosi ase-Asante nizoziphatha njengamagwala ningalwi ngizobiza amakhosikazi akithi. Sizolwa kuze kusale oyedwa wethu empini,” washo kanjalo.
Inkulumo yakhe yasebenza. Ngokushesha ibutho lamadoda nabesifazane abangu-5 000 lase likulungele ukuya endaweni eyaziwa ngokuthi “iMpi yeSihlalo seGolide” yase-Ashanti-British.
Nakuba abantu base-Ashanti baphumelela ngaphansi kobuholi bukaNdlunkulu oyiqhawe kodwa wathathwa amaNgisi wathunyelwa e-Seychelles lapho ashonela khona ngo-1929.
Isibindi sakhe sikhombisile ukuthi abantu besifazane bangangena kunoma yimuphi umkhakha othathwa ngokuthi ugcwele abesilisa futhi bangenza kangcono nakakhulu.
Isigcinamagugu esise-Kwaso esifundeni sase-Ejisu-Juaben e-Ghana sethwa ngaye ngoNcwaba ngo-2000.