Umlando kaLaurel Hubbard wama-olimpiki uphele ngaphandle kwezindondo

Dylan Bettencourt

NgoMsombuluko uLaurel Hubbard uqophe umlando ngenkathi eba ngowesifazane wokuqala ongumsubathi ozishintshe ubulili, ngenkathi engenela umqhudelwano wama-olimpiki wabesifazane abanesisindo esibalelwa ku-87kg.

Uhambo lwakhe lufike lapho ehluleka kabili ukumisa i-Bar ngaphezu kwekhanda lakhe kanye nomzamo wesithathu okuthiwe uhluleke ukuzilawula.

Ubonge inhlangano yama-olompiki ngokumeseka.

Uthe ngiyazi ukuthi ukubamba iqhaza lami kule midlalo bekungeke kungabi khona ukuphikisana, kodwa ibimnandi. Ngiyabonga kakhulu kubo bonke kusho uLaurel oneminyaka engama-43 ekhuluma lokhu ese-New Zealand.

Babonisile ukuthi wonke umuntu angazibandakanya nalemidlalo ngoba iyatholakala noma ikuphi futhi mihle kakhulu.

UHubbard wazalwa engumuntu wesilisa, kodwa ubesezishintshe ubulili waba ngumuntu wesifazane ngonyaka wezi-2013 wazithola kukhulunywa ngaye yonke indawo nokubandakanyeka kwakhe kuma-olimpiki.

Uthe uziphoxile ngokuthi angazimiseli ngendlela ebekulindelwe ngayo, kodwa ubonga bonke abamesekile bakhombisa nothando ngenkathi edlala.

Umthombo wesithombe: @NPR

Izihloko zakamuva