Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo
Ukunqoba okumangalisayo kwe-Morocco ihlula i-Colombia sekufake itwetwe eNdebeni yoMhlaba nokwenze iqembu laseNyakatho Afrika ladlulela esigabeni somkhumulajezi.
Ingqophamlando ye-Atlas Lions inqoba ngo 1-0 ihlula i-Colombia enkundleni yase-Perth kuyenze yajoyina i-Nigeria neNingizimu Afrika njengeqembu lesithathu lase-Afrika ukudlulela emzuliswaneni wamazwe angu-16.
Lokhu yingqophamlando enkulu ebholeni labesifazane base-Morocco njengoba beqala ngqa ukubonakala eNdebeni yoMhlaba.
Ukuhlungela kwe-Morocco kube noshintsho olumangalisayo uma kuqhathaniswa nenselelo ababhekene nayo behlulwa i-Germany ngo 6-0 emdlalweni wabo wokuqala.
Nokho, izinto sezibahambela kahle njengoba bekwazile ukunqoba ngo-1-0 bedlala ne-South Korea kanye nokunqoba emdlalweni wabo wesibili behlula i-Colombia.
U-Anissa Lahmari ube yiqhawe lomdlalo ngesikhathi eshaya igoli sekuzophela isiwombe sokuqala ngokulandela iphenathi eshaywe uzakwabo uGhizlane Chebbak.
Eqenjini lase-Germany, lo mdlalo uphenduke waba muncu futhi ubangela amahloni.
Iqembu likaMartina Voss-Tecklenburg limangazwe yiqembu laseNingizimu Korea elikhombise ukuzimisela okukhulu.
UCasey Phair wase-South Korea ushaye ipali ngomzuzu wesithathu umdlalo uqalile, kwalandela igoli likaCho So-hyn ngemuva kwemizuzu emithathu labeka i-Germany emsileni.
“Vuka! Werdet mal wach.” – Kumemeza uKaputeni u-Alexandra Popp ezama ukuhlanganisa iqembu lakhe.
Umgadli osemnkantshubomvu uzame ukushaya igoli ngekhanda ukukhuphula izinga le-Germany ngaphambi nje kwekhefu – okuyinto evamile kumaJalimane.
Njengoba i-Morocco ibibonakala ukuthi izonqoba, i-Germany ibiwadinga womathathu amaphuzu ukuze igcine ithemba layo liphila kodwa amathuba awabavumanga.
UPopp ube nethuba lokubeka i-Germany phambili ngaphambi nje kwehora, kodwa igoli lakhe bekuyi-offside. Ngemuva kwesikhashana, ubukele ngokucasuka njengoba ibhola lakhe elibone lishaya phezu kwepali.
Ngebhadi i-Germany iphelelwe isikhathi okucacise isiphetho seqembu labesilisa eNdebeni yoMhlaba yango-2018 e-Russia kanye naseNdebeni yoMhlaba yango-2022 e-Qatar kanye neqembu labesilisa elineminyaka engaphansi kwengu-21 kuma-European Championships ngenyanga edlule, eliphinde lahluleka ukuhlungela imidlalo yama-Olympic ango-2024 e-Paris.
Esithombeni esingenhla: Imigubho yase-Morocco