
Dylan Bettencourt
I-Gambia ne-Malawi bazibekele indawo emdlalweni wamaqembu angu-16 ahamba phambili kweye-Afcon.
I-Malawi isangene kabili nje vo emqhudelwaneni we-Afcon kodwa njengamanje izithola isingene esigabeni samaqembu angu-16 kulo mqhudelwano.
Yize iwine umdlalo owodwa kuphela esigabeni samaqoqo, i-Malawi ihlabe abaningi umxhwele ngebhola layo yaphinde yadlala ngokulingana ne-Senegal.
Ukubekwa endaweni yesi-129 emhlabeni akusho lutho kuma-Flames adlale ngokuzimisela nangesifiso ngesikhathi sezigaba zamaqoqo. Abaningi bebethi bekufanele bathole amaphuzu amathathu ngesikhathi bebhekene ne-Senegal kulandela isinqumo esinzima sephenalthi esithathiwe.
I-Gambia iqhudelana okokuqala ngqa emqhudelwaneni we-Afcon futhi ikwazile ukudlulela esigabeni samaqembu angu-16 njengoba kusasele umdlalo owodwa.
Ngisho ne-Scorpions ehleli ngaphansi kwe-Malawi kunombolo yesi-147 iyizwe elincane kunawo wonke e-Mainland ye-Afrika, kodwa yenze okumangalisayo ngokuwina umdlalo owodwa yadlala ngokulingana omunye yabhukula yakwazi ukungena esigabeni somkhumulajezi.
Ukuhlulwa kwe-Sudan ezandleni ze-Egypt kuvulele indlela yokuthi i-Malawi ne-Gambia babe phakathi kwamaqembu angu-13 asezibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano.
Abadlali base-Comoros abazodlala okokuqala ngqa basethubeni lokuqopha umlando uma imiphumela yangoLwesine ihamba ngendlela.
Uma i-Sierra Leone ingawathathi womathathu amaphuzu ibhekene ne-Equatorial Guinea, leli zwe elincane lase-Island, elikhiphe i-Ghana, lizozithola selingene esigabeni samaqembu angu-16.
I-Tunisia kumele igweme ukuhlulwa uma ibhekene ne-Gambia ukuze ingene emzuliswaneni wamaqembu angu-16.
Umthombo wesithombe: @CAF_Online