Umkhwenyana kazwelonke udayise imoto nenkomo ukuze ashade isithandwa seminyaka engu-11

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMnuz Mphakamise Nxumalo (42) uphenduke isilomo egcagcelwa uNksz Ayanda Mdluli (30) esigodini sakwaMdukwa, eHluhluwe kule mpelasonto esiphuma kuyo.

UNxumalo uthe nakuba engasebenzi kodwa ubonekungcono adayise imoto kanye nenkomo ukuze afeze iphupho lakhe lokushada unina wezingane zakhe ezine.

UNxumalo uveze lokhu engxoxweni abenayo kuKhozi Fm ohlelweni lwantambama.

“Bengisebenza esiFundazweni iMpumalanga kodwa ngaphelelwa umsebenzi ngesikhathi soKhuvethe. Yilapho engabuya ngazohlala ekhaya,ngalanda nonina wabantwana bame ukuze sibendawonye. Bekuhlale kuyisifiso sami ukuba ngimshade njengoba kwenzekile,,” usho kanje.
Uqhube wathi imoto uyidayose ngemali engu-R25 000 kwathi inkomo wayidayisa ngo-R15 000 ukuze abhekane nezindleko zomshado.
UNxumalo uzishaya isifuba ngokuthi uzishaye zaphelela izinkomo kwaMdluli ngaphambi kokuba bashade.
Umshado wakhe uhlabe umxhwele abantu abaningi abebebona indlela abejabule ngayo nothando abanalo benomkakhe ukaMdluli.

UkaMdluli uthe uyazifela ngomyeni wakhe,waze wamthembisa ukuthi uyohlale emthanda futji emubekezelela kunoma ngabe yimaphi amaphutha angazithola ekuwo.

Umphakathi ogajwe uthando lukaNxumalo nokaMdluli, ubuhlaba ikhwelo kwabanamandla ukuba bazamele umkhwenyana umsebenzi ukuze aqhubeke nokubusisa umkakhe.

Izihloko zakamuva