UMkhwebane uninda abanye ngobubende inyama bengayidlanga

Lungani Zungu

Kuvele kwacace ukuthi uBusisiwe Mkhwebane ngeke avume ukuxoshwa yedwa ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesithangami esibheka ukuthi ukukungele yini ukuba ehhovisi ngoLwesine.

UMvikeli woMphakathi osamisiwe ubhekene nophenyo emphakathini mayelana nokuthi ukulungele yini ukuphatha lesi sikhundla.

Ummeli wakhe u-Advocate Dali Mpofu, uchithe uLwesine ezama ukugxeka abanye abasebenzi abasezikhundleni eziphezulu ngokwehluleka ukusebenza okuholele ekutheni iklayenti lakhe limiswe emsebenzini.

Phakathi kwabasebenzi abasolwa uMpofu ngokwehluleka koMvikeli woMphakathi kubalwa uPonatshego Mogaladi ongumphathi omkhulu wezophenyo ehhovisi loMvikeli woMphakathi.

UMpofu ubuze uMogaladi ukuthi kumele uMkhwebane asolwe yedwa yini kukho konke ukwehluleka okuthinta ihhovisi lakhe.

Enganakile, uMogaladi uphendule wathi: “Kumele sigcine ukulingana njengenhlangano. Ngeke kusize umphakathi uma thina [ihhovisi loMvikeli woMphakathi] sishesha ukukhipha imibiko enezinselelo ezinkantolo.”

Ubekhuluma ngemibiko ephonselwe inselelo enkantolo. Phakathi kwayo kukhona owe-Financial Sector Conduct Authority (FSCA).

Ngo-2020 inkantolo enkulu yasePitoli yawubekela eceleni umbiko kaMkhwebane yabe isikhipha umyalelo wokuthi akhishwe esikhundleni.

Lokhu kuyingxenye yohide lokwehluleka abhekane nakho selokhu athatha izintambo njengoMvikeli woMphakathi ngo-2016, okwadla abakhokhi bentela izigidi zamarandi.

UMogaladi utshele inkantolo ukuthi baxwayisa uMkhwebane ngokuthi umbiko we-FSCA uzophonselwa inselelo enkantolo, kodwa wangamnaka.

UMpofu uziphendulele ngokubuza uMogaladi ukuthi ngabe kukhona yini akwenzile ngokwehluleka njengomphathi omkhulu wezophenyo.

“Awuzisoli, awufundanga lutho?”

Yize uMogaladi evuma ukuthi lesi simo kube yithuba lokufunda, uthe akusho ukuthi abasebenzi banephutha.

Belandelana, abasebenzi bakhe bakudala nabamanje badalule okwenzeka ehhovisi loMvikeli woMphakathi.

Okwamanje uMkhwebane umisiwe, kanti ihlandla lakhe leminyaka eyisikhombisa liyaphela ngonyaka ozayo.

Umthombo wesithombe: @OUTA

Izihloko zakamuva