Umkhuzi wamabutho kaZulu akayingeni eyokusula ebukhanseleni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Akayingeni eyokwesula ebukhanseleni umkhuzi wamabutho kaZulu okukhalwa ngokuthi uvele anyamalale unyaka wonke engalubhadi kwamasipala oLundi.

UMnuz Masefa Mhlongo uthi baphupha emini laba abathi akasule ngoba noMntwana wakwaPhindangene akazange  ayeke ePhalamende yize ayenguNdunankulu kaZulu.

UMhlongo ukusho lokhu ngoMgqibelo ngesikhathi enegxoxo ne-Scrolla.Africa eSandlwana, eNquthu.

“UMntwana wakwaPhindangene usebenzele isizwe ngempumelelo ekubeni ayephinde abesephalamende ahole ne-IFP. Ngakho yinike mina ezongehlula ukwenzenjalo? Laba abathi ngiyalova abazi ukuthi ngisuke ngimatasa nemisebenzi yamabutho kaZulu. Abakhohlwe ukuthi ngizokwesula, angiyindawo,” kusho uMhlongo.

Kuthiwa uMhlongo uthanda kakhulu umsebenzi wamabutho ukwedlula owomphakathi.

Kuthiwa akabizi ngisho imihlangano yentuthuko kodwa ezintweni zamabutho akaphuthi nangengozi.

“UMhlongo uvele anyamalale kwamasipala angezi nakowodwa umhlangano womkhandlu. Uma ebuya ufika esekhohlwe ngisho isihlalo sakhe ukuthi sasikuphi. Ngokwami nje ngabe uyasula ebukhanseleni,” kusho unthombo.

UMhlongo waqokwa noMntwana uVanana wakwaMinyamanzi nyakenye ukuba umkhuzi wamabutho.

Babevala isikhala sikaMnuz Mgilija kaZihogo Nhleko owashona ngo-2022 ngemuva kokushawa isifo sohlangothi.

UMhlongo uthe okuseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi amabutho kaZulu anobuholi obuqotho futhi alandela umthetho ngendlela.

UMhlongo uyikhansela le-NFP oLundi kanti uphinde ahlale emkhandlwini wenkosi uZini Mpungose oNdini.

Izihloko zakamuva