Umkhuleko wokuzikhotha amanxeba kuZulu

Celani Sikhakhane

Unkosikazi wokuqala weSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, iNdlovukazi uSibongile MaDlamini Zulu, izohola umkhuleko lapho kuzobe kukhunjulwa omdala ngemuva konyaka abuza.

Lo mkhuleko wesifundazwe umenyezelwe nguNdunankulu uMnu Sihle Zikalala ngoLwesithathu ngemuva kokuthi isigungu sakhe sithathe isinqumo sokuthi siwubambe ukuze isizwe samaZulu sizokhothe amanxeba.

UZikalala umemezele ukuthi umkhuleko uzoba KwaKhethomthandayo okuyisigodlo seNdlovukazi uSibongile ohlulwe yicala lokuzuza ingxenye yefa leSilo uZwelithini.

“Kulo mkhuleko kuzobe kukhona iNdlunkulu, abaholi bomdabu, abaholi bamabandla, izikhulu eziphezulu zikahulumeni wesifundazwe nakuzwelonke kanye nobuholi bendawo,” kusho uZikalala.

ISilo uZwelithini sakhothama ngomhlaka-12 kuNdasa nyakenye esibhedlela Inkosi Albert Luthuli eThekwini lapho saselashwa khona.

Ukutshalwa kwakhe kube wumlando wobufakazi esizweni samaZulu nasemhlabeni wonke njengoba abantu abaningi bekwazile ukubona amasiko enziwa ngesikhathi kutshalwa iSilo samaZulu.

ISilo uZwelithini satshalwa  kwaDlamahlala lapho okutshalwe khona namanye amakhosi akwaZulu.

Izihloko zakamuva