Umkhuleko wezikhukhula uvuse ozozo bango-87

Celani Sikhakhane

Inkumbulo ebuhlungu yezikhukhula zango-1987 KwaZulu-Natal ezadala umonakalo zabulala abantu abangu-506 zikhunjulwe eThekwini ngesikhathi kunomkhuleko wesifundazwe ngoLwesine.

Abaholi bamabandla ahlukene kanye nabaholi bakahulumeni kanye nezinye izinhlaka bahlangane e-Durban Exhibition Centre ukuzokhuleka bekhumbula izisulu zezikhukhula ezishone ngesonto eledlule.

Abaholi abaningi bamabandla emithandazweni yabo bebecela ukuthi kuphele izinhlekelele ezilokhu zihlasele isifundazwe saseKZN – i-Covid-19, izibhelu zangoNtulikazi kanye nezikhukhula.

UNdunankulu uSihle Zikalala ukhumbuze ibandla ngobuhlungu isifundazwe esake sabhekana nabo ngenxa yezikhukhula kusukela ngo-1987.

“Phakathi komhlaka-28 nomhlaka-30 kuMandulo ngo-1987, izingxenye eziphakathi neningizimu yeKwaZulu-Natal zacekelwa phansi yizikhukhula ezazingezinye zezikhukhula ezimbi ezenzeke eNingizimu Afrika. Ukucekelwa phansi kwempahla kwaba yinhlekelele, kwashona abantu ababalelwa ku-400 kwathi ababalelwa ku-50 000 basala dengwane. Ukulimala kwezolimo, ezokuxhumana, ingqalasizinda nempahla kufinyelele ku-R400 million,”.

Lokhu kulethe izinyembezi kwizaguga eziningi ezakhahlanyezwa yizikhukhula eminyakeni engu-35 edlule.

Bathe ngeke bakhohlwe yizigigaba lapho izikhukhula ezakhipha khona izidumbu zezihlobo zabo emathuneni aseMolweni emigwaqeni zagudla osebeni lomfula iLindelani neNtuzuma.

Ngesikhathi kuqhubeka umkhuleko uZikalala uxwayise labo ababona ithuba lokuphanga isibonelelo esisiza izisulu ngokuthi bazobe benze ubugebengu obungaxoleleki.

Ube esememezela ukuthi i-Avbob izosiza ekungcwabeni izisulu ezingu-150 ngo-R20 000 umufi ngamunye. UMasipala weTheku umemezele ukuthi usizo lwabo lokungcwaba luzonyuswa lusuka ku-R15 000 luye ku-R20 000 umuntu ngamunye oshonile.

Usizo lwaseThekwini luzoza nemigomo nemibandela eqinile njengoba kuzomele imindeni yabashonelwe iveze imininingwane yayo yezimali ukuze iphumelele.

Lezi zimali ziphuma kwi-Motsepe Foundation enikele ngo-R30 million wokulekelela izikhukhula.

UMntwana uMangosuthu Buthelezi ongundunankulu ebukhosini bakaZulu unikele ngo-R500 000.

Scrolla World Cup Quiz