Umkhonyovu wesitokofela uphele ngokushona ngesihluku kwesigebengu mbumbulu

Doreen Mokgolo

UKhisimusi uyeza, kanti yileso sikhathi sonyaka lapho ukuhaha okuthatha khona indawo futhi abantu abaziwa ngokuthi bathembekile behlanya khona.

Lokhu kwenzeke kumamncane nomshana abaqhamuke nesu lokukhohlisa amalungu esitokofela.

Icebo belilula.

Umshana kamamncane ongadalulwanga igama, uSibusiso Khoza-Msha, ubezoshayelwa ucingo oluyimfihlo ngemuva komhlangano wesitokofela, futhi obekumele akwenze nje ukwenza sengathi ukhuthuza umamncane wakhe.

Bekufanele aphuthume kuye kube sengathi uyamkhuthuza, athathe isikhwama sikamamncane esinomnikelo wesitokofela wemali eyizi-R8,200 wenyanga, bese eya enxanxatheleni yezitolo eseduze lapho azohlangana khona nomamncane wakhe.

Impela, bekuyicebo lelo.

Kodwa icebo lishabalale ngesikhathi owesifazane obehamba nomamncane ebona isela ememeza kakhulu ethi “Vimba!”. Lokhu kulethe abahlali endaweni yesehlakalo ezijahe uSibusiso – zamshaya kabi.

Umama kaSibusiso, uJesta Nkosi, uthe ngesikhathi isixuku sibona ukuthi uSibusiso uqulekile simthele ngebhakede lamanzi.

“Ngenkathi evula amehlo, uxoxe konke ngesu lakhe nomamncane wakhe. Umamncane ubize indodana yakhe okuthe uma ifika endaweni yesigameko yashaya uSibusiso futhi waphinde waquleka,” esho.

USibusiso ushone ngemuva kwezinsuku ezine esibhedlela i-Pholosong.

UJestai wengeze ngokuthi yize indodana yakhe ibingumlutha wezidakamizwa ibingafanele ukubulawa njengesilwane ikakhulukazi ngumzala wayo.

“Ngesikhathi ngimbuza uvumile ukuthi uSibusiso wamtshela ukuthi unenkinga yemali futhi ngokubambisana baqhamuka nesu,” echaza.

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema, uConstable Nkululeko Magudulelo, ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala.

“Siyazigxeka izenzo zabahlali abazithathela umthetho ngezandla okuholela ekutheni kushone isisulu. Noma ngubani otholakala ukuthi ube nesandla kulokhu kuhlasela uzoboshwa abekwe icala lokubulala,” engeza.

Izihloko zakamuva