UMkhonto weSizwe uvale umlomo labo abathi ungowamaZulu unqoba ukhetho eNorth West

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMkhonto weSizwe Party (MKP) uqede imfundisoze yokuthi uyiqembu lamaZulu njengoba ugile izimanga eNorth West uhlwitha iwadi eyisizinda sikaKhongolose ne-EFF eRusternburg.

Lokhu kwenzeke okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu lapho kuward 25 eMarikana nokuyilapho okunqobe khona ifolosi labo uMnuz Thabo Molefe.

UMkhonto ubagwaze ngamavoti angamaphesenti angu-45 kwathi uKhongolose wathola angu-33 kwathi i-EFF yalandela kude ngamaphesenti angu-24.

Le wadi iyisizinda se-EFF eyathola kuyo amavoti amaningi okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe lwango-2019.

Nokho kuthe ngemuva kwalokho kwangenisa uKhongolose wayihlwitha iwadi njengoba selithathwa iMKP.

Kwenzeka lokhu nje UMkhonto weSizwe Party ubulokhu ubhekene nokugxekwa kuthiwa awusoze uphumelele kwezinye isifundazwe ngoba owaseKZN kuphela futhi owamaZulu, iningi lawo alaxaze i-IFP ngoba sekukhotheme uMntwana wakwaPhindangene.

Le nkulumo yasusa umsindo omkhulu ogcine usudalela uSihlalo kaKhongolose kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe isigcwagcwa eKZN ngemuva kokuba ayethe iMK eyamaZulu kuphela.

IMKP sekungeyesibili le wadi eyitholile selokhu yasungulwa emva kokuthatha eyaseMzumbe.

Ukungenisa koMkhonto nokuthatha abantu abaqavile kwamanye amaqembu kwenze uMnuz Julius Malema waphaka impi wathi iMKP ayisoze idlelane nabo futhi angeke bavume ukuba umzabalazo womuntu omnyama uholwe ikhehla elinguMnuz Jacob Zuma.

Indodakazi KaMntwana wakwaPhindangene endala, uMntwana uPhumzile kuthe ngoLwesibili waxwayisa i-IFP ngokuthi uma ingabhekile iMK izobathatha bonke omasipala ngo-2026.

Ngaphandle kwalokho, eThekwini kunqobe ikhansela elizimele uMnuz Andrew Akerrs waseSea Cow Lake eGreenwood Park kuward 34 ehlula i-DA, ANC, MKP namanye amaqembu amancane.

I-DA noKhongolose bakwazile ukubuyisa amawadi abo eGauteng naseMpumalanga.

UKhongolose uphinde wakwazi ukugcina iwadi 26 yaseNorth West eMagogelo Ratjeipan.

Izihloko zakamuva