UMkhonto weSizwe Party uthi uWillies Mchunu akahlangene nokuphakanyiswa kwabamele iMKP okhethweni lokuchibiyela

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMkhonto weSizwe Party KwaZulu-Natal uthi umholi wawo esifundazweni uMnuz Willies Mchunu akahlangene nhlobo nokufakwa kwalabo abafolosela iqembu okhethweni lokuchibiyela olunamhlanje kuward 2 eMsunduzi.

Lokhu kuvezwe okhulumela iqembu esifundazweni uMnuz Vincent Mdunge ngemuva kokuba inkantolo yezoKhetho ivune ukufajwa ohlwini kukaMnuz Nkosinathi Mshengu obephakanyiswe umphakathi ukuba amele iMKP kulolu khetho.

“Siyafisa ukucacisa ukuthi uMdidiyeli woMkhonto weSizwe Party esifundazweni uMnuz Willies Mchunu akahlanganise lutho nokuphakanyiswa kwamafolosi oMkhonto okhethwe lokuchibiyela olukhona futhi uyasamukela isinqumo senkantolo,” kusho uMdunge.

UMdunge ucacisa lokhu nje kulandela ukuthi kubenempi enkulu ngobekumele bafolosele iMKP kulolu khetho oowenzeka ngemuva kokuxoshwa kwekhansela le-IFP.

IMKP yenze uhlelo lokuba umphakathi uphakamise umuntu ofuna amele iqembu okhethweni.

Emagameni aphakanyisiwe kuve elikaNkosinathi Mshengu othole amavoti onphakathi angu-157, kube elikamshana kaMnuz Thobani Zuma okunguMnuz Sthabiso Nkabide kube uMnuz Mbongeni Sikhakhane othole amavoti angu-35.

Kodwa okwenzekile abantu babone sekufakwe igama likaNkabinde kwasuka umsindo maqede bazakhela izingqwembe ezinobuso bukaMshengu.

Lokhu kubaqhathe nobuholi beqembu njengoba uMnuz Nhlamulo Ndlela okhulumela iMKP ebagxeke ngokungananazi ethi abahloniphi futhi badelela imiyalelo yobuholi.

Kugcine ngokuthi ubuholi buye enkantolo yezokhetho nokuyilapho isinqumo sivune igama likaMshengu.

UMshengu kulolu khetho oluqhubekayo namuhla ubhekene nefolosi le-IFP okunguMnuz Mbengeni Shozi noMnu Nduduzo Zuma kaKhongolose.

Izihloko zakamuva