Umkhonto ubhajwe enxebeni kungqongqoshe ngolwaKwaNongoma 

Lubhalwe nguZukile Majova

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongi Sithole-Moloi usehlazweni ngemuva kokuthi itulo lakhe lokuzama ukuketula umbuso we-IFP KwaNongoma lingaphumelelanga.

Kudingeke ukuthi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ingenelele ngemuva kokuthi uSithole-Moloi asize iqembu lakhe i-ANC ukuthi lehlise i-IFP kuMasipala waKwaNongoma.

I-IFP ithi isinqumo senkantolo sibafakazele enkolelweni yabo yokuthi uNgqongqoshe “ulisebenzise budedengu igunya lakhe ukuze anikeze iqembu lakhe i-ANC inzuzo.”

IMeya ye-IFP uMnu Albert Mncwango uthe isiphakamiso sokuthi akhishwe esikhundleni sinamaphutha.

“Esikhundleni sokwamukela lokhu, leli qembu liphuthume laya kuNgqongqoshe uSithole-Moloi ukuyocela ukuthi angenelele ngendlela engafanele. Ube esephuthuma – nangaphambi kwesikhathi – wathumela uMnu MP Khathide ukuthi abize umhlangano womkhandlu ngokushesha ngaphandle kokulandela imigudu esemthethweni,” esho.

“INkantolo ivune i-IFP… Lokhu kumshiya eswele umgodi wokucasha futhi kuye kwaqinisekisa ukuthi noma ngabe abanye abaholi bangase bacabange ukuthi banamandla kangakanani, umthetho wezwe uyohlezi ukhona.”

Umfelandawonye we-ANC owakhiwe i-EFF ne-NFP ufisa ukuthatha omasipala abalengisiwe enyakatho neKwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwango-2024.

I-EFF isanda kuphuma kumfelandawonye wayo ne-IFP lapho ibibusa khona ngokuhlanganyela komasipala abangu-29.

Kodwa ukwesekwa kwe-IFP esifundeni kuye kwanda nyakenye nokuyinto eholele ekutheni iqembu liqhubeke nokulawula imikhandlu eminingi noma ingekho i-EFF.

Umasipala waKwaNongoma ubaluleke kakhulu njengoba kusehlalankosi.

Izigodlo zendlu yobukhosi bakaZulu zigcwele KwaNongoma.

Noma ngubani ophethe lo mkhandlu kucatshangwa ukuthi usondelene namandla kanye nomthelela weSilo uMisuzulu.

Kuningi okufunwayo njengoba iSilo esisha sithandwa futhi sikhonzwe intsha nabaholi bamabhizinisi.

Kulindeleke ukuthi abambe iqhaza elikhulu kwezombusazwe KwaZulu-Natal emashumini eminyaka ezayo.

Esithombeni esingenhla: Imeya ye-IFP kwaNongoma u-Albert Mncwango

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva