Umkhokha omubi: Indlela uMkhize angene ngayo enkontilakini yezokuxhumana ye-Covid

Lungani Zungu

UNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize nendodana yakhe kusolakala ukuthi bathathe imali kwi-Digital Vibes, okuyinkampani yezokuxhumana eyayithole inkontileka yemali eyisigidi esiyi-R150 eyayivela eMnyangweni wezeMpilo.

Ekuqaleni inkontileka yayiqondene nezokuxhumana mayelana nokukhishwa koMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) kodwa yabuye yanwetshwa yafaka nokuthola ulwazi emphakathini mayelana ne-Covid-19.

I-Daily Maverick ixoxe udaba lokuthi i-Digital Vibes ibabandakanya kanjani abantu abasondelene noMkhize.

NgoLwesithathu, uMkhize ukuphikile ukuthi wahlomula kule nkontileka noma kwakufanele amemezele ukungqubuzana kwezintshisekelo. Lokhu kwenzeka yize abaphenyi boMnyango wezeMpilo ngokuqolwa kwezimali ze-Covid – iNgubane Tax Assurance Advisory Firm – babike ukuthi ukuqashwa nokukhokhwa kwemali eyizigidi eziyi-R150 kwi-Digital Vibes bekungafanele. Uphiko Olukhethekile Lwezokuphenya nalo luhlaziya inkontileka.

Kepha ngoLwesihlanu ebusuku i-Daily Maverick ishicilele izinsolo eziningiliziwe ezithinta umndeni wakhe.

Ibike ukuthi i-Digital Vibes yenze okungenani izinkokhelo ezimbili ezibalelwa emalini eyizi-R7,000 kusonkontileka ngomsebenzi wokulungisa impahla eseGoli ephethwe yiMkhize iZLM Trust.

I-Daily Maverick iphinde yabika ukuthi inkampani ikhokhe okungenani imali eyizi-R300,000 enkampanini ephethwe yindodana kaMkhize, uDedani, oneminyaka engama-33.

Unkosikazi kaMkhize, uDkt uMay Mkhize, ucashunwe ethi “wethukile” yilezi zambulo ezintsha ezivelayo.

Ngokusho kwe-Daily Maverick, yonke imali eyenziwe yi–Digital Vibes ngowezi-2020, ngesikhathi i-Digital Vibes yenza lokhu kudluliswa, yayivela emnyangweni wezeMpilo.

Abalingani abasondelene noMkhize uTahera Mather noNaadhira Mitha kuthiwa yibona ababelawula i-Digital Vibes.

Ziyakhula izingcingo zokuthi uMkhize asule esikhundleni.

Imizamo ephindaphindiwe ye-Scrolla.Africa yokuxhumana naye ngoLwesihlanu ayiphumelelanga.

NgoLwesihlanu, uChris Vick, ingcwethi kwezokuxhumana engumakadebona, ubhale kwiphephandaba i-Daily Maverick ukuthi iqembu lamavolontiya lochwepheshe bezokuxhumana abangama-30, i-Covid Comms, selike laya kuhulumeni ekuqaleni konyaka wezi-2020 ukuyonikeza izeluleko zamahhala zokuxhumana ngemininingwane eyinkimbinkimbi yesayensi nge-Covid emphakathini.

UVick uthe ngemuva kwempendulo enomdlandla evela ehhovisi likaMengameli, waxhumana noMather ongakaze asilandele lesi siphakamiso. Udaba lukaVick belinesihloko esithi: “Okubuhlungu kakhulu ukuthi badle imali ebingasetshenziselwa ukusindisa izimpilo.”

Izihloko zakamuva