Lungani Zungu
Njengoba bekulindelekile, uMengameli uCyril Ramaphosa ubeke uNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize ekhefini eliyisipesheli.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi uNgqongqoshe akwazi ukubhekana nezinsolo nophenyo mayelana nezinkontileka phakathi koMnyango wezeMpilo nomhlinzeki wezinsizakalo, i-Digital Vibes,” kusho ihhovisi likamengameli esitatimendeni.
URamaphosa uthe ulinde umbiko wokugcina we-Special Investigating Unit (i-SIU) ngaphambi kokuthatha isinqumo sakhe sokugcina ngoMkhize.
UMnyango Wezempilo, okuyiphothifoliyo ebaluleke kakhulu edinga ulwazi olunzulu nokuqonda, manje usengaphansi kukaNgqongqoshe Wezokuvakasha, uMmamoloko Kubayi-Ngubane, ozosebenza njengoNgqongqoshe Wezempilo kuze kube khona oshintsho oluthile
Ekuqaleni kwangoLwesibili, uMkhize uxolisile ngokubandakanyeka kwithenda ye-Digital Vibes. Kodwa utshele abezindaba e-Northern Cape ukuthi akazimisele ngokusula esikhundleni.
UMkhize umile kwelokuthi akakaze azuze ngisho isenti elilodwa enkontilakini.
Ube esexwayisa abezindaba ukuthi bengalucindezeli ikusasa lakhe.
Lokhu kube yimpendulo yokuqala yomphakathi kaMkhize selokhu kwavela imibiko ye-Daily Maverick yokuthi umndeni wakhe uhlomule ngemali yizigidi eziyi-R150 ngethenda ye-Digital Vibes.
UMkhize, owayenguNdunankulu wase-KZN, naye ubezovela phambi kweKhomishini Yezobuqotho ye-ANC, uSihlalo wayo nguGeorg Mashamba kuleli viki.
Ziyakhula izingcingo zokuthi uMkhize ashiye phansi kanti i-DA imvulele icala.
Umholi we-IFP uVelenkosini Hlabisa weluleke uMkhize ukuthi ashiye phansi isikhundla ngesikhathi enesithangami nabezindaba eThekwini ngoLwesibili.
UMkhize akalona ilungu elincane kwi-ANC, njengoba eke wasebenza njengomgcinimafa kazwelonke. Uke waqokwa ngamanye amagatsha e-ANC ukuthi angenele isikhundla sokuba nguMengameli we-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi yangowezi-2017.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE