Lubhalwe nguLungani Zungu
Onethemba lokuba uMengameli we-ANC uMnu Zweli Mkhize uguqe ngedolo ecela izibusiso ngoMgqibelo phambi kukaMduduzi Shembe ongumholi webandla lamaNazaretha Baptist Church elidume ngelikaShembe.
Le bekwinkonzo yeSabatha nomgidi wesishiyagalolunye esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma oqhubeke ngempelasonto.
Ubuhanjelwe iSilo samaBandla uMisuzulu KaZwelithini ngoMgqibelo. Kodwa-ke iSilo asizange silubhade enkonzweni yokugcina yangeSonto njengoba bekukhalwa ngokudlula emhlabeni kukaMbongiseni Zulu inkosana enkulu eNdlunkulu edutshulwe ngoLwesine KwaNongoma.
Le nkonzo yezinsuku ezimbili ibihanjelwe ngamalungu ebandla lakwaShembe angaphezu kuka-20 000.
UMkhize owayenguNdunankulu ophinde abe nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, utshele umholi webandla lakwaShembe nabadala bebandla ukuthi nguyena ofanele ukuhola i-ANC kanye nezwe uma i-ANC inqoba okhethweni luka-2024.
“Ngizoqeda ububha ngidale namathuba omsebenzi. Ngizobuqeda ubugebengu ngiphinde ngibhekane nokucishwa kukagesi. Ngize lapha ngizocela izibusiso zenu njengoba ngithatha lolu hambo lokuhola iqembu elasungulwa ngamakhosi nabaholi bamabandla njengaleli,” kusho uMkhize.
Uyashuba umbango we-ANC wokubanga isikhundla sokuba uMengameli olandelayo njengoba uMkhize usezoqhudelana kanye noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa esikhundleni esiphezulu.
Ohlwini olusemthethweni lokuphakanyiswa kwamagama uRamaphosa uthole amavoti angu-2,037 uma kuqhathaniswa nangu-916 kaMkhize.
Kanti sekusondele ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngomhlaka-16 kuZibandlela kuya kumhlaka-21 e-Nasrec eGoli.
Yize abalandeli bakaRamaphosa bekholelwa ukuthi uzonqoba, abaseka uMkhize basamile ekutheni ngeke anqobe.
Sekulele kumalungu amagatsha e-ANC angaphezu kuka-4 000 azonquma ukuthi ngubani ozoba umholi olandelayo ukuhola leli qembu elihlakazekile eminyakeni emihlanu ezayo.
Esithombeni esingenhla ogaqele ukuba nguMengameli uMnu uZweli Mkhize we-ANC obeguqe ngaphambi komholi webandla lakwaShembe uMduduzi Shembe
Umthombo wesithombe: sithunyelwe