Umkhankaso wokuthi izimpilo zabantu abamnyama zibalulekile – “Asikwazi ukuphefumula”

Ngasekupheleni kukaNhlaba ividiyo yephoyisa elimhlophe lase-Minneapolis liklinya umuntu omnyama, uGeorge Floyd, washona ebekwe idolo emqaleni.

Amazwi okugcina kaFloyd athi “Angikwazi ukuphefumula” kwakuyiphuzu lokugqashuka kwabantu abaningi asebevele bethukuthele ngochungechunge lokushona ngesihluku kwabantu abamnyama ezandleni zamaphoyisa aseMelika.

Kowezi-2020 abaziwa kakhulu kwakunguAhmaud Aubery noBreonna Taylor.

Amashumi ezigidi zabantu bazo zonke izinhlanga bangena emigwaqweni ukumasha ngaphansi kwesibhengezo senhlangano esithi izimpilo zabantu abamnyama zibalulekile – yize iMelika yayidonsa kanzima ngenxa yalolu bhubhane.

Le nhlangano yajoyinwa ngabantu ababemasha emhlabeni wonke, bephikisana nesihluku samaphoyisa nobandlululo emiphakathini yabo.

I-BLM ayibanga nje ngumbhikisho wokulwa nesihluku samaphoyisa, kepha yaphikisana nezingcindezi ezijulile zobandlululo ezisekhona emiphakathini yaseMelika futhi ezikhuthazwe nguDonald Trump.

Ukusuka ekubeni ngezwi eliphansi “elinamandla” i-BLM ithole ukuxhaswa iningi labantu baseMelika.

Ngesinye isikhathi amaphoyisa ahlasela ababhikishi ngaphandle kwase-White House ngezinduku kanye ne-teargas ukuze bavule indlela kaTrump nethimba lakhe ithuba lokuya ngaphandle kwesonto ngenkathi ephethe ibhayibheli elibheke phansi.

IMeya yase-Washington DC uMuriel Bowser uqambe kabusha igama lesikwele lapho ababhikishi behlaselwe khona wathi i-Black Lives Matter Plaza.

I-BLM bekungumbutho obalulekile wokugqugquzela abavoti ukuba bavotele ukuthi uTrump aphume ngoLwezi.

Izihloko zakamuva