Umkhankaso kaZuma wokubuyela kwipolitiki uyantengantenga

Lungani Zungu

Lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma usibheke ngabomvu isikhundla sikaSihlalo kazwelonke we-ANC – kodwa igama lakhe alizange liphakanyiswe kuyo yonke imihlangano yamagatsha (BGMs) ngeSonto.

UZuma umemezele ngoMsombuluko wesonto eledlule ukuthi kunamaqabane afuna abenguSihlalo weqembu kazwelonke.

Kodwa-ke umkhankaso wakhe udonsa kanzima ngemuva kokuthi ubuholi esifundazweni sakhe KwaZulu-Natal bumchithile bakhetha owayenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize ukuthi kube nguyena ozongenela ukhetho.

Njengamanje amagatsha KwaZulu-Natal abukeka ehlukene phakathi kukhona ahamba noCyril Ramaphosa, amanye ahamba noMkhize.

USihlalo wegatsha le-ANC eMlazi uMnu Menzi Ngcobo, uthe maningi amalungu amagatsha asephumele obala eseka uRamaphosa ukuthi athathe ihlandla lesibili.

“Akekho okhuluma ngokuthi uZuma uphakathi kwabayisithupha abaphezulu. Kuzomele silinde igatsha liphinde lihlangane futhi liqoke ngokusemthethweni abaholi elibakhethile. Ngeke sibaphoqe abaholi emagatsheni,” kusho uNgcobo.

UMnu Nathi Xulu onguNobhala wesifunda iMusa Dladla okuyisifunda sikaZuma, uthe bayaseseka isinqumo esithathwe ubuholi besifundazwe sokuthi uMkhize kumele abe nguMengameli olandelayo we-ANC.

Isifundazwe sikhethe uNdunankulu wase-Limpopo uStanley Mathabatha esikhundleni sokuba uSihlalo kazwelonke.

“Leso isinqumo esisithathile futhi sinxenxa amagatsha ukuthi athathe isinqumo esifanayo. Kodwa-ke ngeke sibatshele ukuthi benzeni,” kusho uXulu.

I-ANC ihlehlise umnqamulajuqu wangomhlaka-25 kuMfumfu wokuqokwa kwamagama ngenxa yokucishwa kukagesi nokungakhokhelwa kwabasebenzi be-ANC.

Njengoba sekusele izinyanga ezimbili ngaphambi kwengqungquthela, kuzoba nokunxenxa, ukuncenga kanti ukulingana kwamandla kungase kushintshe.

Izihloko zakamuva