Umkhandlu waseGoli uphasise isabelomali sika-R77 billion kodwa imali engu-R230 isamile

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo 

  • Isabelomali sika-R77 billion esigunyazwe ngemuva kokubhuntsha komhlangano wokuqala.
  • Amakhansela agxeka idolobha ngokugcina inkokhelo kagesi engu-R230 okuyindida.

IDolobha laseGoli lamukele isabelomali salo sokulungiswa kwesabelomali sonyaka wezimali ka-2024/2025 kodwa izakhamizi zisabambekile emalini kagesi engu-R230.

Lesi sabelomali siphasiswe emhlanganweni womkhandlu wesi-36 ngoLwesine ngemuva kokwehluleka kwemizamo yokuqala. 

Angu-138 esewonke amakhansela avotile, kwathi angu-105 aphikisana nalokhu. Akekho ogodle ivoti.

Lesi sabelo-zimali sinyusa imali yedolobha ngo-R1.2 billion, okwenza isamba sifinyelele ku-R77 billion.

Yize lesi sabelomali samukelwe, amaqembu ezepolitiki agxeke idolobha ngokungabuyekezi inkokhiso kagesi ekhethekile ka-R230 yize ayethembise ukuthi azokwenza lokho.

Imali ekhokhwayo yethulwa ngonyaka odlule ngesikhathi imeya uDada Morero iseliLungu lesiGungu sikaMeya esibhekene nezezimali. 

Kuhlangatshezwane nolaka lomphakathi ngemuva kokuthathwa ngokuthi umphakathi ubambe iqhaza kanye nezinqubo zomkhandlu.

Izakhamizi nezinhlangano zomphakathi zicele ukuthi kubuyekezwe ngokugcwele umthelela wokukhokhwa kwezimali.

Baphinde banxusa idolobha ukuthi libheke ezinye izindlela zokwenza imali noma kube khona uhlelo lokukhokha ngezigaba.

UMorero ulivikele leli cala, wathi: “Imali engu-R230 yokutholakala kukagesi iyimali engaguquki ukuze kuqinisekiswe ukulethwa kwezidingo okusimeme, ukugcinwa kwengqalasizinda nokuthuthukiswa kokuphakelwa kukagesi okuqhubekayo.

“Kumele kube nokulingana phakathi kwalabo abakwazi ukuthenga ugesi nalabo abadonsa kanzima. Le mali izobuyekezwa ngokuxoxisana ne-City Power, i-Nersa kanye no-Eskom.”

I-ActionSA yasichitha isabelomali, yasibiza ngokuthi siphikisana nabampofu.

“Isabelomali sinezinto eziningi ezinhle, kodwa le mali engi-R230 ilimaza izakhamizi. NgoNtulikazi  wango-2024, imeya uMorero wathembisa ukuyibuyekeza. Akukho osekwenziwe,” kusho iqembu.

I-DA iphinde yasiphikisa lesi siphakamiso, yathi isabelomali siyehluleka ukubeka phambili ingqalasizinda.

Umholi we-DA emkhandlwini uBelinda Kayser-Echeozonjoku uthe: “Inkinga yamanzi ikhubaza amabhizinisi edolobheni lonke. Nokho idolobha lisachitha imali ezintweni ezifana nefenisha nezinto zokufakelwa, kuyilapho imali yokusebenza ingacacile.”

Esithombeni esingenhla: IMeya yaseGoli uDada Morero.

Umthombo wesithombe: ikhasi le-Facebook lemeya yaseGoli uDada Morero 

Izihloko zakamuva