Dylan Bettencourt
Umalusi, umkhandlu oqinisekisa izinga lezemfundo, usuzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukucishwa kukagesi kuzophazamisa imiphumela yezivivinyo zikamatikuletsheni njengoba ukunqanyulwa kukagesi kuzoqhubeka ezweni lonke isonto lonke.
Njengoba abafundi bakamatikuletsheni sekumele babhekane nengcindezi yezivivinyo zokuphela konyaka, sekuzomele babhekane nokucishwa kukagesi.
U-Eskom umemezele ukuthi ukucishwa kukagesi kwesigaba sesine kuzoqala ngehora lokuqala emini ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu lapho okuzoqala khona isigaba sesibili esizoqhubeka kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngoMgqibelo.
Umphathi wakwaMalusi uMafu Rakometsi uthe ukucishwa kukagesi kuzophazamisa kakhulu izinga lezivivinyo kanjalo nemiphumela ngoMasingana.
“Ukucishwa kukagesi kuzoba nomthelela omubi emiphumeleni. Uma abafundi bengakwazi ukufunda ngokwanele lokho kuyinkinga,” kusho uRakometsi.
“Abantu ababoni ngendlela ababona ngayo endlini emnyama. Leso simo sizothinta abafundi ngendlela ehlukile,” kusho umphathi etshela i-Newzroom Afrika.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo (i-DBE) uMnu Elijah Mhlanga uthe ukucishwa kukagesi ngeke kudale ukuphazamiseka njengoba ukukhanya kwemvelo kuzokwanela ukuthi abafundi bakamatikuletsheni baqhubeke nokubhala.
Uthe okubakhathazayo ukulungiselela izivivinyo kwabafundi njengoba kungase kube nzima ukufunda ebusuku noma ngezikhathi lapho kungenakukhanya kwemvelo emakhaya abo.
“Ngisho ngibhala lo mlayezo, izivivinyo ziyabhalwa futhi ukucishwa kukagesi kuyenzeka, kodwa akukho ukuphazamiseka. Okudingayo ipeni, iphepha kanye nesibani esanele sasemini ukuze izivivinyo ziqhubeke,” kusho uMhlanga etshela i-The Citizen.
U-Eskom uthe esitatimendeni sangoMsombuluko balindele ukuthi amanye amayunithi ayisikhombisa abe esebuyile izolo, kodwa lokho akukenzeki.
Ngaphezu kwalokho, uphiko lokuphehla ugesi esiteshini sikagesi i-Arnot siphazamisekile namuhla ekuseni, okube nomthelela ekucishweni kukagesi.