Umjondolo oyisitezi wamaRasta oheha izivakashi 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Uma uhamba ka-C Section eZiphunzana, e-East London, abantu abaningi abadlula ngendlela bayakwazi ukubona umjondolo ka-Iyahcracy Government oyisitezi obheke ezulwini.

Abantu bayama bathathe izithombe eduze komjondolo onamagumbi amane owakhiwa u-Iyahcracy ngo-2017. 

Wonke amaRasta ayafika aziphumulele lapha kanti le indawo yabo yilapho bekhuluma khona ngezinto ezibalulekile.

“Futhi asizixoshi izakhamuzi ezifuna ukufunda okwengeziwe ngezinkolelo zethu.” kusho u-Iyacracy.

Uthe abantu abaningi bebengakholwa ukuthi angakha umjondolo oyisitezi aze awuqede kanti bayafika ukuzebezothatha izithombe.

“Indawo yethu yamukela wonke umuntu inqobo nje uma bengasidaleli izinkinga. Singabantu abanokuthula abangakuthandi ukulwa.”

Uthe ngaphambi kwe-Covid-19, ubenebhizinisi ngoba abantu bebefika bathathe izithombe bacele ukudla.

“Nganquma ukudayisa ukudla. Besidayisa izinhlanzi, ama-chips  ukudla okuphekiwe kanti sikudayisela amaRasta nabantu nje.”

“Ngiyayivula futhi le ndawo ngoba ibingagcini ngokudayisa ukudla kuphela. Besixoxa nangendlela esiphila ngayo futhi sibafundise ngempilo yethu.”

Isakhamuzi sakule ndawo uMasixole Lukhele wesaba ukuthi umjondolo oyisitezi ungase uwe ngelinye ilanga kunabantu ngaphakathi.

“Ubukeka uqinile ukuthi nje ngikhathazekile ngokuphepha kwabo, kodwa ngiyavuma ukuthi ngiyasithanda lesi sakhiwo.”

“Bangabantu abanobuhlakani futhi muhle umjondolo wabo. Angimangali ukuthi abantu abadlulayo bahlezi befuna ukuthatha izithombe eduze kwalomjondolo oyisitezi.”

Isithombe esingenhla: Umjondolo oyisitezi eZiphunzana, e-East London e-Eastern Cape, oheha izivakashi eziningi.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva