Umjaho wezithuthuthu uzoshubisa kule mpelasonto

Lubhalwe nguLucky Maree

Uma ukhathazekile ngokuphuthelwa umqhudelwano we-motorsport yamazwe ngamazwe njengoba i-F1 ithatha ikhefu ungesabi ngoba umpetha womhlaba wezithuthuthu wakuleli, uBrad Binder uzoshubisa le mpelasonto. 

UBinder wase-Potchefstroom odlalela i-Red Bull KTM kufanele abe sesicongweni nabanye ompetha emhlabeni jikelele.

Ngemuva kokukhathazeka kwe-KTM ngezikhathi eziningi ezikhungathekisayo kubukeka sengathi uBinder usengcono kakhulu kunaphambilini.

Indawo yase-Assen e-Holland okuyindawo yakudala enamajika, kodwa esheshayo izomfanela kakhulu njengoba isitayela sakhe simenza acindezele kakhulu amasondo kodwa noma kunjalo angase akwazi ukwenza lokhu okulindelekile.

Ukuzilolonga nokungenela umjaho kuzokwenzeka ngoLwesihlanu kuqhubeke kuyo yonke impelasonto kanti umjaho omkhulu uzoba ngehora lesibili ntambama ngeSonto.

Wonke lo mdlalo uzokhonjiswa ku-DStv channel 216.

➤ Ukuthi ama-Pumas alwele kanjani ukungena kowamanqamu we-Currie Cup kuyinto emangalisayo kukho konke ukugijima okukade kwenziwa abafana bakaJimmy Stonehouse base-Nelspruit.

Ngakolunye uhlangothi akumangazi ukuthi uToppie Ruan Pienaar nama-Cheetahs bangene kowamanqamu. Lo mqhudelwano ukhiqize imidlalo embalwa okungelula ukuthi uyikhohlwe kule sizini, kodwa uma ngibheka emuva lawa ngamaqembu afanele ukuba kwiNdebe ye-Currie. 

Ama-Cheetahs kufanele adlale ngendlela emangalisayo kuyo yonke isizini. Ngethemba lokuthi ama-Pumas azodlala ibhola lombhoxo elisheshayo elizobasiza emidlalweni yabo.

Inkundla yase-Free State iyona ebafanele impela. 

Lo mdlalo uzokhonjiswa ku-DStv channel 201 ngehora lesine ntambama ngoMgqibelo.

➤ I-UFC ikulethela umdlalo we-featherweight ophakathi kukaJosh Emmet ebhekana no-Illia Topuria.

UTopuria uzibonisile ukuthi ungumpetha emdlalweni yama-Mixed Martial Arts njengoba enqobe amahlandla angu-13 ngaphandle kokuhlulwa.

Uzobhekana no-Emmet osenqobe amahlandla angu-18 wahlulwa kathathu kodwa, okubaluleke bobili bazobhekana. 

Angeke sibe khona isidingo sokucupha i-alamu lasekuseni ngeSonto njengoba umdlalo uzoqala ngehora lesishiyagalolunye ngoMgqibelo ebusuku e-Las Vegas, eMelika.

Lo mdlalo ozoqala ngehora lesikhombisa ebusuku uzodlala bukhoma ku-DStv channel 210.

Isithombe esingenhla: UBrad Binder

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva