Umjaho we-Le Mans nohlelo lokusebenzisa isimanje 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Umjaho we-Le Mans 24 Hours uwumqhudelwano wobungozi, ubuhle kanye nomsindo wokubhonga kwezinjini.

Ababukeli ebangaba ngu-300,000 bazobuthana enyakatho-nentshonalanga ye-France ukuze bazogubha umcimbi waminyaka yonke wemijaho yezimoto ngesikhathi izigidi emhlabeni wonke zibukela kumabonakude. Umcimbi omkhulu we-Le Mans ubonisa abashayeli namaqembu belwa nokukhathala kanye nokuncintisana okukhulu emzamweni wabo wokuwina.

Lo mjaho unomlando onothile osuka eminyakeni eyikhulu edlule kodwa uke wabhekana nezinselelo muva nje ngenxa yezindleko eziphakeme kanye nesithombe esiphelelwe isikhathi. I-Toyota bekuyiyona kuphela inkampani esezingeni eliphezulu ebiqhudelana nokuholele ekutheni kube nokukhathazeka ngekusasa lalo mjaho.

Ukuvuselela i-Le Mans kwethulwa imithethonqubo emisha enikeza abakhiqizi bezimoto inkululeko yokuklama.

Lokhu kuholele ekuveleni kwama-hypercars — izincazelo zesimanje zezimoto zemidlalo ezikhombisa ifilosofi eyingqayizivele yenkampani ngayinye kanye nomklamo. Ukubuya kwe-Ferrari ngemuva kweminyaka engu-50 ingekho kwengeze isasasa lomjaho ngokushesha kanti iye yawina ngemuva komqhudelwano obungempelasonto.

Enye intuthuko ebalulekile emjahweni walo nyaka bekuwukusetshenziswa kukaphethiloli oqhubekayo owenziwe ngemfucumfucu yensimu yewayini.

Zonke izimoto ezingu-62 okuhlanganisa nezizimele bezihamba ngalophethiloli owehlisa ukukhishwa kwe-carbon dioxide ngo-65%.

Ukwamukelwa kukaphethiloli osimeme kuhambisana nohlelo lwe-Formula One lokusebenzisa uphethiloli osimeme ongu-100% ngo-2026. I-Le Mans isebenza njengesibonelo esinamandla kubakhiqizi abamela izixazululo ezihlukahlukene zophethiloli esikhathini esizayo njengezimoto zikagesi.

Abasekeli balo mjaho baveze ukuthi kudingeka izixazululo ezihlukahlukene nokuthi ohulumeni kufanele baqaphele ukubaluleka kukaphethiloli osimeme. I-Le Mans ikhombisa isimanje esingonga izimoto ngezinjini zayo ezisebenza kahle kanye nokusetshenziswa kukaphethiloli omusha.

Ukuphepha sekuthuthuke kakhulu kwezemidlalo kodwa ukusimama kuseyinselelo. Nakuba izimoto zikagesi zibhekwa njengesixazululo ukukhululwa kwezinhlayiya ngesikhathi sokukhiqizwa kwamafutha kanye nokuncika kwamandla egridi yezimoto zikagesi kusadinga ukunakwa.

I-Le Mans iyisipiliyoni esiyisisekelo lapho abashayeli abezwa khona ukukhathala, benambitha ukungcola futhi behogela intuthu.

Kwi-Ferrari umjaho uveze ukubuya kanye nokuwina okuyingqophamlando. Umsindo wokugingqika kwenjini uhlezi uyinto ethandwa kakhulu kulo mjaho.

I-Le Mans imele okungaphezu nje komjaho. Iveza ikhwelo mayelana nekusasa lezimoto, ukufuna ezinye izindlela ezisimeme esikhundleni sikaphethiloli ojwayelekile kanye nesidingo sezixazululo ezihlukahlukene zokubhekana nokushintsha kwesimo sezulu.

Esithombeni esingenhla: I-Le Mans

Izihloko zakamuva