UMisuzulu akuyena ozovula isiShayamthetho saseKZN-Boyce

Celani Sikhakhane

Sekuyiminyaka iSilo samaZulu kuyiso esivula isiShayamthetho saKwaZulu-Natali njenge ngxenye yemisebenzi yaso njengo baba wesifundazwe.

Kodwa kulo nyaka izinto zishintshile njengoba lo msebenzi ungeke wenziwe Isilo.

Lokhu kungenxa yombango owaziwayo okhona eNdlunkulu kaZulu ngokuthi ngubani okufanele angene esihlalweni esivuleke ngemuva kokubuza kweSilo uZwelithini.

Ukuthi uMisuzulu akuyena ozovula isiShayamthetho sesifundazwe, lokhu kuvezwe nguSomlomo waso uNontembeko Boyce ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini.

“Lo mcimbi sekuyiminyaka uqala ngenkulumo ethulwa iSilo kulandele inkulumo yesimo sesifundazwe esithulwa uNdunankulu ngakusasa futhi lo mcimbi uthatha izinsuku ezimbili kodwa izinto zizoshintsha kulo nyaka,” kusho uBoyce.

Uthe uMisuzulu uzohambela inkulumo yakulo nyaka njenge sivakashi.

UBoyce uthe iSilo kumele saziwe ngokomthetho ngaphansi kwe-Traditional KhoiSan act yonyaka wango-2019.

Khonamanjalo impi yesihlalo sobukhosi bakwaZulu isiphinde yathatha elinye igxathu njengoba iNdlunkulu ihlukene phakathi ngokuthi ubani okumele athathe izintambo.

Labo abalwa nokwenyuka esihlalweni kukaMisuzulu sebehlukene phakathi njengoba bebefuna ukuthi uMntwana uSimakade kube uyena othatha izintambo.

INkosazane uThembi Zulu Ndlovu ufuna uMntwana uSimakade kube iSilo esilandelayo kodwa umfowabo uMntwana uMbonisi waseKhwezi kuthiwa usecula elinye iculo.

Kuthiwa manje usehamba nabaphakamisa igama likaMntwana uBuzabazi Zulu ukuthi kube nguye ohlala esihlalweni sobukhosi.

Izihloko zakamuva