UMiss SA uwine isicoco sikaMiss Supranational

Farida Joyce

Unobuhle wakuleli uLalela Mswane ube ngowokuqala wesifazane omnyama ukunqoba isicoco sikaMiss Supranational.

“Ngiphelelwe amazwi futhi lokhu kuzwakala sengathi iphupho,” kusho uMswane ngemuva kokuwina kwakhe.

Umcimbi ububanjelwe e-Strzelecki Park Amphitheatre e-Nowy Scz, e-Poland ngoLwesihlanu.

UNobuhle waKwaZulu-Natal ungene kulo mqhudelwano eyintandokazi ngemuva kokungena esigabeni sesibili somqhudelwano ngaphambi kowamanqamu kanye nokungena ohlwini lonyaka lwabayishumi abahamba phambili.

Umele elakuleli emqhudelwaneni obubhekene nabesifazane abavela e-Thailand, e-Venezuela, nase-Indonesia kanye nabanye abaqhudelana nabo abavela kwamanye amazwe angu-69.  

UMiss Vietnam ubekwe kwabahlanu abaphezulu walandelwa ngabanye abathathu.

Uhlabe amajaji umxhwele ngemvunulo yesizwe ehlonipha usiko lakhe njengentokazi eqhamuka esizweni samaZulu.

Le mvunulo yenziwe umsiki wengqephu waseKapa uLloyd Kandlin owasebenzisana noZozibini Tunzi owawina njengonobuhle wakuleli ngonyaka ka-2019 okuwunyaka ngaphambi kokuthi uTunzi anqobe umncintiswano kaMiss Universe.

“Ngibonga kakhulu kubo bonke abantu abebenami bengiseka. Bengingeke ngikwazi ukukwenza lokhu ngaphandle kwabo.”

Ubonge abahleli, abantu base-Poland nabalandeli bakhe bakuleli. 

“Lesi sicoco akusona esami ngedwa, kodwa ukunqoba kwezwe lakuleli,” kusho uLalela. 

Umthombo wesithombe: @PageantCircle

Izihloko zakamuva