Umisiwe umehluleli welikaMeyiwa ngenxa yamabatha

Ijaji ebeliphethe icala likaSenzo Meyiwa, uTshifhiwa Maumela  nozakwabo uNomonde Mngqibisa-Thusi bamisiwe ngokwehluleka ukwethula izinqumo eziningi abebezigodlile ngesikhathi esifanele.

Incwadi yokumiswa kwabo ikhishwe i-Judicial Service Commission (JSC) ngemuva kwezincomo ezenziwe ngabo.

“Isinqumo sokumisa ngesikaMengameli ngesiphakamiso se-JSC. Usayine izincwadi wabe esezikhipha ngoLwesithathu,” kusho okhulumela i-JSC ummeli uSesi Baloyi.

Ngo-2020, uMengameli wamaJaji uDunstan Mlambo wafaka isikhalazo ngokumelene namajaji amabili ngemuva kokuthi agodle izahlulelo eziningana phakathi kwezinyanga eziyisithupha nezingu-26.

Isikhalo esibhekiswe kuMngqibisa-Thusi besisekelwe phezu kwezahlulelo eziyishumi futhi ezine zazo yilezo ebezigodliwe phakathi kwezinyanga ezingu-12 nezingu-20 kanti ezinye eziyisithupha zagodlwa izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-11.

Ummeli ophinde abe umxhumanisi we-Judges Matter u-Alison Tilley uthe uMaumela kungenzeka aqhubeke futhi aqedele ukuqulwa kwecala likaSenzo Meyiwa, kubika i-City Press.

“Uyaluzwa lolu daba. Kumele aqhubeke nokuluphatha kungakhathalekile ukuthi umisiwe yini. Lokhu kuhlukile uma egula kakhulu engasakwazi ukuqhubeka nokuqulwa kwecala.”

Kodwa-ke, icala likaSenzo Meyiwa lisanda kumiswa ngenxa yokugula kukaMaumela.

Ukumiswa kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube inkantolo iphothula uphenyo mayelana nokubambezeleka.

Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele

Esithombeni esingenhla: Ijaji uTshifhiwa Maumela

Umthombo wesithombe: Twitter/The LegalSA

Izihloko zakamuva