Lubhalwe nguLinda Ximba
I-Boxing South Africa (BSA) isinikeze uphromotha uTshele Kometsi incwadi yokumiswa ngenxa yokungaziphathi kahle.
Inhlangano elawula isibhakela ithi uKometsi ophinde abe nguSihlalo we-Gauteng Promoters Association uthweswe amacala ayisikhombisa okungaziphathi kahle kanti utholwe enamanye amacala ngomhlaka-9 kuLwezi.
Ilayisensi yakhe nayo isikhanselwe ngokushesha.
Ibamba lesikhulu esiphezulu se-BSA, u-Erick Sithole lithi uKometsi uvumelekile ukulusukumela lolu daba uma engagculisekile ngesinqumo abasithathile.
“Siqale samuphenya ngamacala ayisikhombisa okungaziphathi kahle ngaphambi kokuthi sifinyelele esinqumweni sokuhoxiswa kwelayisensi yakhe. Kube nendima yokuqondiswa kwezigwegwe okuthathe isikhathi esingangezinyanga ezintathu watholwa enecala lokwephula isigaba 10. (b) se-Prevention and Combating of Corrupt Activities Act 12 ka-2004,” kusho uSithole.
USithole uthi ngemuva kokuthi uKometsi atholwe enecala, ikomidi lokuqondisa izigwegwe limeme izinhlaka ukuthi zenze izethulo mayelana nezinye izinto ezikhombisa ukungaziphathi kahle. Mhla ziyisishiyagalolunye kuLwezi ikomidi lakhipha isijeziso sokuhoxiswa kwelayisensi kaKometsi njengomgqugquzeli.
Mhla ziyishumi kuLwezi ibhodi libambe umhlangano okhethekile okuyilapho okugunyazwe khona ukuqondiswa kwezigwegwe futhi lanquma ukukhansela ilayisensi kaKometsi.
Lokhu kusho ukuthi uKometsi angeke esakwazi ukuhambela noma imiphi imidlalo ehlobene nesibhakela okuhlanganisa nokuhambela imiqhudelwano yesibhakela kanye nokwenza inkontileka nabanye abanamalayisensi.
“Kodwa unelungelo lokudlulisa icala eNkantolo yamacala zingakapheli izinsuku eziyishumi ethole isijeziso,” kusho uSithole.
Izinkinga zikaKometsi ziqale ngemuva kokuthi ikhadi lakhe lokuthenga ngesikweletu lisetshenziswe ezinye zezikhulu ze-BSA ngonyaka odlule nokwaholela ekumisweni kowayeyisikhulu esiphezulu sezimali kule nhlangano uThabang Moses, ngoNhlolanja.
Kusolwa ukuthi uMoses wathumela umshayeli ukuthi ayokhipha u-R14 000 esebenzisa ikhadi.
Inkulumo eqoshiwe yemizuzu emine eyenzeka ngoMandulo odlule iveza ukuthi ngemuva kokuhoxiswa kwemali, imali yayisehhovisi le-BSA e-Hatfield, ePitoli.
UMoses wesula kwi-BSA ngenyanga edlule.
Osesithombeni esingenhla nguTshele Kometsi
Umthombo wesithombe: Uthunyelwe