Umisiwe emsebenzini osolwa ngelikaGatdee

Kamogelo Olaitan

Ihhovisi likaSotswebhu we-ANC e-Mpumalanga limise uPhilemon Lukhele umsolwa oqavile ecaleni lokubulala uHillary Gardee.

ULukhele oyisikhulu esiphezulu  socwaningo ehhovisili lilaSotswebhu we-ANC esifundazweni umisiwe ngaphandle kokukhokhelwa kuze kube uqondiswa izigwegwe.

USotshwebhu omkhulu uFidel Mlombo utshele i-eNCA ukuthi uye esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Nelspruit lapho uLukhele eboshwe khona wafike wamnikeza incwadi yokummisa.

UMlombi uthe ukuboshwa kukaLukhele kufake ihhovisi lakhe ehlazweni, wengeza ngokuthi amacala abekwe umsolwa abucayi.

“Ukumiswa kwakhe kusalinde isinqumo sokuqondiswa kwezigwegwe esizobanjwa ngokushesha uma ethola ibheyili,” kusho uMlombo.

ULukhele waboshwa kanye nabanye abasolwa ababili uSipho Lawrence Mkhatshwa oneminyaka engu-39 no-Albert Gama oneminyaka engu-52.

Abasolwa bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yase-Nelspruit ngoMsombuluko. Abakawavumi amacala ababekwe basihoxisile nesicelo sebheyili. Icala labo lihlehliselwe uNhlangulana mhla ziyisishiyagalolunye ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Babhekene namacala ayisithupha elokuthumba, ukwakha itulo lokubulala, ukubulala, ukudlwengula, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokwephula umthetho.