UMinnie Dlamini ufisela uMusa Khawula ukusha esihogweni

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, uMinnie Dlamini ngeke amangalele uMusa Khawula ozibize ngo “Pop of Pop Culture” ongundabamlonyeni.

UKhawula usanda kuveza ku-X ukuthi uMinnie waphingela owayengumyeni wakhe, uQuinton Jones, noMnu Nkateko Mabaso owayeyisikhulu seMultiChoice, oshone ngesonto eledlule.

Lo msakazi ophinde abe ngumlingisi iziphikile izinsolo zikaKhawula wathi imphatha kabi indaba yokungahloniphi kwakhe umndeni womngani wakhe kanye nesithunzi sakhe.

Engxoxweni abe nayo neZimoja, uMinnie (33) uthe ugxile kwindodana yakhe nokuphothula isehlukaniso kunokuthi abe sesikhungweni sezomthetho.

“UMusa unesifo sengqondo, futhi ngithemba ukuthi uzosha esihogweni,” kusho uMinnie.

“Ngibhekene nesehlukaniso esibi kakhulu. Angikwazi ukuchitha imali kulowo mfana. Akanamali. Ngizotholani? Ngikhulisa indodana yami ngedwa, angixhaswa ngamali angikwazike ukuvele ngilahle imali ukuze ngifakazele iphuzu,” engeza.

Osesithombeni esingenhla: UMinnie Dlamini.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva