Dylan Bettencourt
UMinke Janse van Rensburg usephinde waqopha umlando womhlaba wonke ayi kanye, kodwa amahlandla amaningi njengoba eqophe umlando ngokubhukuda, njengoba lokhu ekwenze konke esontweni elilodwa.
UMinke njengoba aziwa waqala ukuduma eNingizimu Afrika ngesikhathi ebhukuda ngonyaka wezi-2018 ephinde ewina izindondo zegolide eziningana kanye nezesiliva.
Lo msubathi oneminyaka eyi-16 wake wangenela umqhudelwano wesishiyagalolunye we-Down Syndrome womhlaba wonke e-Canada lapho afike aqopha khona umlando waphinde wathola nendondo.
Lo msubathi obhukudayo uphinde wakhombisa ikhono lakhe kumhlaba wonke kwi-South African short course gala ebibanjwe eMgungundlovu lapho afike aqopha umlando amahlandla ayisikhombisa, amanye awo kungawakhe.
UMinke ongumsubathi osemncane kakhulu uqophe umlando edlala amamitha angama-25 nangama-50, amamitha ayi-10 kwi-freestyle juniour record, waqopha umlando edlala amamitha angama-25 kwi-breaststroke junior record, amamitha angama-50 emele i-Afrika kanye namamitha angama-25 nangama-50 kwi-junior African record.
Isikole sezingane ezidinga usizo olukhethekile endaweni yase-George sincome uMinke ngokuphumelela kwakhe edlala i-short course gala.
“UMinke ubhukude kwi-South African short Course gala eMgungundlovu. Uqophe umlando amahlandla ayisikhombisa kumhlaba wonke kuleli sonto elidlule! Lokhu kubhalwe isikole ku-Facebook.
“UMinke uphinde wathola indondo ye-Barbara Higgins ngokuzimisela kwakhe. Ungomunye wabasubathi abane-Down Syndrome ukuqopha umlando esamncane kangaka. Uphethe amahlandla amane e-Open world record kanye namahandla amathathu e-juniour World record,”
“Uyamangalisa, futhi ukusebenza kwakho ngokuzikhandla sekuyabonakala!”
Umthombo wesithombe: @GoodThingsGuy