UMihlali ulimele ngoba ubezama ukungigwaza – Leeroy

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usomabhizinisi uLeeroy Sidambe ukuphikile ukuthi ushaye intombi yakhe, engusaziwayo (YouTuber) kanye nomgqugquzeli wenkundla yezokuxhumana uMihlali Ndamase.

UMihlali ufake izithombe wabe esezisusa ku-Instagram kanti lezi zithombe bezikhombisa imihuzuko ebusweni bakhe wabhala wathi, “Ngiyabonga, my angel Leeroy.”

USidambe uthe uMihlali wamfonela izikhathi ezingu-78 ngeSonto wabe esefika endlini yakhe.

Uthe uzame ukumgwaza ngemuva kokumsola ngokuthandana nomunye umuntu.

USidambe uthe ubezivikela futhi okuyinto eholele ekutheni kulinale uMihlali.

Uphinde wathi uMihlali ubevame ukumhlasela, ikakhulukazi uma ephuzile.

Izithombe zobuso bukaMihlali obulimele zisabalale ngokushesha ku-X.

Omunye ku-X uphendule wathi: “Mihlali ukubuyela kuLeeroy kuyadabukisa. Kodwa ngaphambi kokuba simehlulele, asizange yini sonke simnikeze umuntu owayengafanelwe yithuba lesibili amanye amathuba angu-54? Ukwahlulela umuntu owenza into efanayo nawe oyenze ngesizathu esihlukile kuwukuzenzisa.”

Omunye uthe: “U-Leeroy ungudoti futhi ungumhlukumezi. Manje ngiyathola ukuthi kungani owayeyinkosikazi engazange abonakala ekhathazekile ngesikhathi uMihlali emthatha kuye.“

Ngomhlaka-28 kuMbasa, uMihlali waya emcimbini i-Fenty Beauty e-Los Angeles, lapho ahlangana khona nesihlabani somculo we-pop uRihanna.

Ubhekane nokugconwa ngabasebenzisi benkundla yezokuxhumana e-US ngezinsolo zokulungisa isithombe abukeke emuhle kakhulu kunoRihanna.

Osesithombeni esingenhla: uMihlali Ndamase noLeeroy Sidambe.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva