UMiddendorp ucela ukubekezelelwa

Umqeqeshi uErnst Middendorp unxuse abalandeli beMaritzburg United ukuthi babe nesineke kancane kuyena nabadlali bakhe.

IMartizburg isazowina umdlalo emiqhudelwaneni wesithupha we-DStv Premiership kodwa ukufika kwalo mqeqeshi wase-German kubanike ithemba.

Ngaphansi kukaEric Tinkler balahlekelwe yimidlalo yabo emine yeligi. Ukuhamba kukaTinkler kushiye umsizi womqeqeshi uDelron Buckley ephethe umdlalo owodwa. Nawo lowo mdlalo bahlulwa kuwo futhi.

IUnited igcine ukunqoba umdlalo mhla zi-15 kuNhlolanja ngesikhathi ishaya iKaizer Chiefs ngo ngamabili kwelilodwa.

Umdlalo wokuqala obuphethwe uMiddendorp waholela ephuzwini elibalulekile ngokulingana nompetha iMamelodi Sundowns, kodwa ucele abalandeli bakhe ukuthi babekezele.

“Uhambo lude,” kusho uMiddendorp.

“Ngasekupheleni kukaLwezi noma kaNhlolanja kuyofanele ngabe sisendaweni ephephile yeligi. Umsebenzi uyaqhubeka.”

IUnited ayilahlekelwanga ngabadlali abaningi ngesizini engaphandle. Umdlali ogqamile ngunozinti wabo wokuqala uRichard Ofori ojoyine iOrlando Pirates.

Iqembu linjengoba lalinjalo ngesikhathi uTinkler eqeda kwabayi-8 abaphezulu nabo ngesizini edlule.

“Engikubonile ukuthi kumele ngisebenzele ekwakheni ukuzethemba kubadlali,” kusho uMiddendorp obuyela kwiSt United okwesithathu.

“Sidinga ukuncintisana futhi sizikhandle kakhulu ekuziqeqesheni ukuze sikwazi ukufeza esikufunayo ekupheleni kwesizini. Kuyinselelo kodwa yinto engiyithandayo.”