Umholi weqembu lezigelekeqe owaziwayo ubulawe edubulana namaphoyisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

  • Kubulawe umholi weqembu lezigelekeqe eNanda nobesebenzisana naye ngesikhathi bedubulana namaphoyisa e-Verulam ngemuva kokuba amaphoyisa elandele umkhondo wabo besuka eMhlanga. 
  • Umsolwa (22), ubemataniswa namacala angaphezu kuka-20, okuhlanganisa nawokubulala; amaphoyisa athungatha umsolwa wesithathu oweqile.

NgoLwesine amaphoyisa aseKZN adubule abulala umholi weqembu lezigelekeqe elisatshwayo emphakathini waseNanda.

Kubulawe umholi weqembu lezigelekeqe iNanda West nobesebenzisana naye ngesikhathi bedubulana namaphoyisa e-Cottonlands e-Verulam ngoLwesine ntambama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asebenza ngolwazi lwezobunhloli oluthole imininingwane mayelana nomholi weqembu lezigelekeqe kanye nozakwabo ababili abebehamba ngemoto beya eMhlanga, okubikwa ukuthi bebeyolanda izidakamizwa nezinhlamvu.

“Ngesikhathi laba bobathathu besuka eMhlanga bashintshane ngezimoto kanti amaphoyisa abeqaphile akwazile ukubabona abalandela baze bafika abasolwa bapaka imoto yabo emgwaqeni uVincent Dickinson e-Cottonlands,” kusho uNetshiunda.

Uthe ngesikhathi amaphoyisa esondela emotweni yabo, abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni kwase kuba nokudubulana.

Umholi weqembu lezigelekeqe oneminyaka engu-22 ubudala kanye nobesebenzisana naye oneminyaka engu-27 ubudala babulawe ngesikhathi bedubulana namaphoyisa. Kumanje kuthungathwa umsolwa wesithathu osinde ngokulambisa.

UNetshiunda uthe umholi weqembu lezigelekeqe ubenencwadi emgunyaza ukuthi aboshwe ecaleni lokubulala. Ubemataniswa namacala angaphezu kuka-20 kanti kuthiwa usebulale abantu abangaphezu kweshumi.

“Amanye amacala akhe kubalwa elokuzama ukubulala, ukugebenga, ukusabisa nokushiswa kwemoto. Imoto yabasolwa ibingakaseshwa kahle kodwa isibhamu sitholakale kumholi weqembu lezigelekeqe,” kusho uNetshiunda.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uwashayele ihlombe amaphoyisa abelokhu ethungatha umsolwa obehlukumeza umphakathi waseNanda, KwaMashu namaphethelo.

“Okuhle obekungenzeka bekungaba ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa ephila ukuze abhekane namacala akhe enkantolo futhi nabagilwa bathole ubulungiswa kanye nemindeni yabo.

Ngebhadi ukuzama ukubulala amaphoyisa kuyisenzo esiholela ekutheni amaphoyisa azame ukuzivikela, ngalokho wazinqumela isiphetho sempilo yakhe,” kusho uMkhwanazi.

Esithombeni esingenhla: Indawo yobugebengu lapho kudutshulwe kwabulawa khona umholi weqembu lezigelekeqe nobesebenzisana naye KwaZulu-Natal.

Umthombo: KZN SAPS

Izihloko zakamuva