Arthur Greene
Umholi weqembu eliphikisayo e-Russia u-Aleksai Navalny uveze ukuthi uphoqwe ukuthi abuke umabonakude wezindaba zombuso kanye namabhayisikobho ezepolitiki amahora ayisishiyagalombili nsuku zonke.
Umgxeki onolaka kahulumeni kaVladimir Putin uboshwe e-Penal Colony No 2, lapho athi ubhekene khona “nodlame lwengqondo”.
Engxoxweni yakhe yokuqala esejele, waqhathanisa leli jele nekhempu elicindezela abasebenzi lase-China.
“Wonke umuntu umasha kulayini lapho okunamakhamera amavidiyo alengayo yonke indawo. Kukhona ukulawula okuqhubekayo kanye nesiko lobumpimpi,” kusho uNavalny etshela i-New York Times.
Uthe, ngaphezu kwamahora ayisishiyagalombili nsuku zonke, yena nezinye iziboshwa baphoqelelwa ukuthi babuke umabonakude wezindaba zombuso kanye namafilimu ezepolitiki kanti lokho leli jele likubiza ngokuthi uhlelo “lokuqwashisa”.
“Ukufunda, ukubhala noma ukwenza noma yini enye” akuvumelekile, ngezikhathi zokuphoqelelwa, kusho uNavalny. “Kumele uhlale esihlalweni ubuke umabonakude”.
Uma isiboshwa silele, onogada bayasimemeza ukuthi sivuke.
Encwadini ayibhalele leli phephandaba, lo sopolitiki uchaze ukuthi baba nezikhathi ezine zokuphoqelelwa ngosuku.
Baqale baphoqwe ukubukela umabonakude wezindaba zombuso ngemuva kwesidlo sasekuseni. Bese kuthi, ngemuva kwesikhathi esithile sokuphumula, baphoqwa ukuthi babukele futhi. Ngemuva kwesidlo sasemini, bayabukela futhi. Ngemuva kokudla kwasebusuku, babukela umabonakude isikhathi eside, ngaphambi kokuba baphindiselwe ezitokisini zabo.
“Sibukela amafilimu amayelana ‘nempi enkulu yokushisekela izwe’, noma ngolunye usuku, sibukele ifilimu ekhuluma ngeminyaka engama-40 eyedlule, yokuthi abasubathi bethu behlula kanjani abaseMelika noma abase-Canada,” kuchaza uNavalny.
Umphikisi wezepolitiki kaPutin waboshwa ngoMasingana ngokwephula umthetho kashwele ngemuva kokushiya izwe, wagwetshwa iminyaka emibili ejele.
NgoMbasa, odokotela bakaNavalny babhalela abaphathi bejele incwadi bechaza ukuthi lo sopolitiki ugula kakhulu futhi “uzoshona ezinsukwini ezimbalwa ezizayo” uma enganikezwa usizo lwezokwelashwa.
NgoNcwaba ngonyaka owedlule, uNavalny wafakwa ubuthi be-Novichok emzamweni yokusocongwa okusolwa ukuthi kwenziwa nguhulumeni wase-Russia.
Umthombo wesithombe: @navalny