
Everson Luhanga
Umholi wenhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle kuleli i-Alexandra Dudula, uMnu Simon “Msayza” Rati usanda kuphuma ngoshwele ejele. Lokhu akwenzayo manje ukuchaza njengo kubuyisela emphakathini.
Kusukela ngoMsombuluko, uRati uhole imibhikisho ngaphandle kwenxanxathela yezitolo i-Pan Africa Mall yase-Alexandra lapho okuvalwe khona ngenkani amabhizinisi kanye nezitolo eziphethwe ngabaphuma emazweni angaphandle, kwezinye izikhathi, bathungela izitolo ngomlilo.
Inqwaba yabadayisi abaphuma emazweni angaphandle baxoshwe ngababhikishi benhlangano iDudula.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa, uRati uchaze isenzo sakhe “njengokubuyisela emphakathini” njengoba kungenye yezenzo zakhe zoshwele ukaba “isibonelo esihle” emphakathini.
Ukushaywa kweminyango yezitokisi zasejele kanye nemisindo yokhiye akuyona into entsha kuSimon.
Ekhuluma esemzini wakhe e-Alexandra, uRati uveze ukuthi useboshwe izikhathi eziningi futhi ugwetshwe mahlandla amathathu ngamacala ahlukene.
“Okokuqala ngaboshwa ngineminyaka engu-19 ngo-1997. Ngagwetshwa iminyaka emine ngecala lokweba izimoto,” esho.
“Ngesikhathi ngisejele ngahlangana nezigebengu ezihamba phambili engashintshana nazo ngezinombolo zocingo. Ngemuva kokukhululwa, ngakhuphula izinga lami ngaqhubeka nezenzo zami zobugebengu.”
URati waphinde waboshwa ngo-2001 ngecala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Icala ladonsa kwaze kwaba ngu-2003, lapho agwetshwa khona iminyaka engu-20 ejele.
USimon akazange afunde kulokho kuboshwa kwakhe okubili kwaphambilini. Akuphelanga sikhathi esingakanani ededeliwe waphinde waboshwa ngo-2014 ngecala lokutholakala nezimpahla ezebiwe. Uchithe iminyaka eyisithupha ejele wabe esekhululwa ngoZibandlela ngo-2020.
Uthe inhlangano ye-Alexandra Dudula yaqala ukusebenza kusukela ngo-1995.
“Umsebenzi wethu omkhulu njengenhlangano ukubuyisela umnotho wasemalokishini kubantu baseNingizimu Afrika, silwe nobugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa emphakathini, sihole phambili.”
Uthi kusukela ngo-1995, le nhlangano isikhiphe ngokungemthetho abanikazi bezindlu futhi yabuyisela izindlu zomxhaso ezingaphezu kwekhulu eziphethwe ngabaphuma emazweni angaphandle – abanezincwadi nabangenazo – e-Alexandra.
Eminyakeni edlule inhlangano iDudula ibisolwa ngamanye amacala.
“Ngiyazi ukuthi angaphezu kuka-300 amacala abhaliswe esiteshini samaphoyisa e-Alexandra nase-Bramley okudlwengula, ukuzama ukubulala, ukukhomba ngezibhamu, ukushaya, namanye,” echaza.
“Amacala ienhlangano iDudula engawavuma awokuxoshwa kwabantu ngokungemthetho. Lawo ngamacala esibhekene nawo hhayi awokudlwengula noma awokuzama ukubulala,” esaho.
UMsayza okhuliswe ngumama yedwa, uthe wangena ebugebengwini ngenxa yontanga.
“Ngiyajabula ukuthi angisabenzi ubugebengu. Ngihola ngesibonelo ngokuhola inhlangano yeiDudula ekubuyiseni ilokishi lase-Alexandra.
“I-Alexandra ngeyabantu base-Alexandra.”