Umholi we-EFF uncome ukuvalwa kwezwe okube impumelelo 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezindaba zepolitiki


Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ukushayele ihlombe ukuvalwa kwezwe okubukeka sengathi kube impumelelo enkulu.

Ekhuluma nabalandeli beqembu lakhe abaningi embhikishweni omkhulu obuse-Church Square e-Tshwane, uMalema uthe ukuvalwa kwezwe kube impumelelo uma kuqhathaniswa nemibhikisho yangaphambilini.

“Ukuvalwa kwezwe kwanamuhla kuzongena emlandweni wakuleli,” kusho uJuju.

Kodwa empeleni, umbhikisho wokuvalwa kwezwe we-EFF awuzange wenzeke emalokishini amakhulu akuleli okubalwa i-Soweto eGoli, eMdantsane e-East London, eKhayelitsha eKapa naseMlazi eThekwini.

Amadolobha amakhulu aseGoli, e-Sandton okuyilapho i-JSE ikhona, eKapa nase-Gqeberha lolu bekuwusuku olujwayelekile phakathi nempelasonto ende.

UMnu Zwelinzima Vavi, onguNobhala Jikelele we-SA Federation of Trade Unions ongenele umbhikisho uthe abadlelani ne-EFF kodwa bayaweseka umbhikisho wabo obalulekile.

Lokhu kuvalwa kuphinde kwajoyinwa yilowo okhulumela owayenguMengameli uJacob Zuma, uJimmy Manyi kanye nomholi woMkhoto wesizwe (MKMVA) owaxoshwa uCarl Niehaus.

UVuyo Zungula, ongumholi we-African Transformation Movement ogqugquzela imizamo yokugxeka uMengameli Cyril Ramaphosa ngecala elibandakanya ipulazi lakhe iPhala Phala naye uhlanganyele ne-EFF.

UNobhala-Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula ukuvikele ukujutshwa kwamasosha wathi bafunde kanzima ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi ngo-2021.

“Kuleli azikho izindawo ezibe nodlame noma ezigcizelele ukususwa  kukahulumeni ophethe ngendluzula.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe i-National Joint Operational and Intelligence Structure ibophe ababhikishi abangu-87 ezweni lonke ngamacala ahlobene nodlame emphakathini.

Kwabangu-87 ababoshiwe, abangu-41 baboshwe e-Gauteng,  abangu-29 baboshwe e-North West,  abangu-15 baboshwe eFree State, lokhu kuqinisekiswe amaphoyisa esitatimendeni.

“Cishe angu-24 300 amathayi ashaqwe abomthetho. Lawa bekungamasondo abebekwe ngenhloso yokuvimba umgwaqo.

“E-Western Cape kushaqwe angu-6 000, e-Free State kuthathwe angu-4 500, e-Gauteng abe ngu-3 600, e-Eastern Cape kushaqwe angu-1 513 kanti abembalwa kwezinye izifundazwe.”

Isithombe esingenhla: UJulius Malema ngesikhathi sokuvalwa kwezwe

Umthombo wesithombe: I-EFF South Africa

Izihloko zakamuva