Umholi we-EFF angase azithole esephambana nomthetho

Lungani Zungu

Umholi we-EFF uJulius Malema ubhekene nenye inkinga ezomenza azulelwe ikhanda ngaphandle kokhetho lwangoMsombuluko.

Kuthiwa kunezinsolo zokuthi izinkampani ezimbili ezihambisana noMalema, okuhlanganisa nekanobhala-jikelele we-EFF, uMarshall Dlamini, kungenzeka ukuthi zahlomula ngemali elinganiselwa kwizigidi ezi-15 zamarandi ngethenda kaphethiloli eyakhishwa idolobha lase-Tshwane engaphansi kwe-DA ebiza cishe ingxenye yesigidigidi samarandi ngonyaka wezi-2019

OKlebe sebeqale uphenyo.

Ithenda iqale yanikezwa i-Balima Barui Trading, i-MDZ Holdings kanye ne-Rheinland Investment CC.

Kusuka lapho kuthiwa kungene izigidi ezi-15 zamarandi ezinkampanini ezixhumene noMalema noDlamini.

I-Maduna Investments eholwa ngumzala kaMalema, uMatsobane Phaleng, kanye ne-Santaclara Trading, eyasungulwa nguTebatso Malema ngonyaka wezi-2013, bamataniswa noMalema.

I-DMM Media and Entertainment, okuyinkampani yesihlobo sikaDlamini, uWesley Dlamini, kusolwa ukuthi nayo isihlomulile.

Bobabili bazichithile lezi zinsolo.

Ngesikhathi kukhishwa ithenda, i-EFF yayibambisene ne-DA e-Tshwane – kanti lobo budlelwano basusa i-ANC emandleni ngonyaka wezi-2016.

Selokhu kwabhidlika inhlanganisela yabo, umholi we-DA uJohn Steenhuisen uthe iqembu lakhe ngeke liphinde libe nomfelandawonye ne-EFF.

“Sikubeke kwacaca ukuthi ngeke sisasebenzisana ne-EFF ngoba bafuna ukuxhasa impilo yabo besebenzisa imali yabakhokhi bentela,” etshela i-Scrolla .Africa.

NgoNhlangulana ngonyaka wezi-2020, inkantolo enkulu yasePitoli yalibekela eceleni ithenda, icaphuna indlela engenangqondo nengenabulungiswa eyahlaziywa ngayo, ngokusho kukaBhungane, okwinhlangano yezintatheli eziphenyayo.

OKlebe bakuqinisekisile ukuthi bayaphenya ngaleli cala, kodwa abazange basho ukuthi bazophenya yini uMalema noDlamini.

“Okwamanje ngeke sikwazi ukudalula olunye ulwazi ngokuthi uphenyo lubhekephi,” inkulumo ecashuniwe yalowo okhulumela oKlebe.

UMalema uzokhankasa e-Kahlehong e-Gauteng  ngoLwesihlanu.

Izihloko zakamuva