Celani Sikhakhane
Umholi wophiko lwentsha lwe-ANC esifundeni sasoThukela esifundazweni saKwaZulu-Natali usejoyine uhlu lwabasolwa ngokugqugquzela udlame ngemuva kwesiyaluyalu esasisekela uJacob Zuma esenzeka ngesonto eledlule sashiya amadolobha amaningi engumlotha
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uNhlanhla Hendry Nkosi uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi ebhekene necala lokugqugquzela udlame emphakathini.
UNkosi uphinde abe yinhloko yophiko lokuphathwa kokuthengwa kwempahla kuMasipala Wendawo i-Alfred Duma.
Izinxushunxushu zishiye idolobha laseMnambithi linomonakalo omkhulu njengoba izitolo eziningi ziphangiwe zashiswa.
Inkampani yamathayi i-Dunlop, i-Defy, isitolo sezibhamu kanye nabathengisi abaningi bashiywe dengwane ngesikhathi izidubedube ziphanga zonke izimpahla zabo.
Okhulumela i-NPA uNatasha Kara uthe uNkosi uvele enkantolo ngoLwesithathu futhi ugcinwe esitokisini ukuze kuqhubeke uphenyo lwamaphoyisa nokufaka isicelo sebheyili.
“Ubekwe icala lodlame futhi uzophinde avele enkantolo ngomhla zingama-28 kuNtulikazi,” kusho uKara.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uNhlakanipho Ntombela uthe bayazi ngokuboshwa kukaNkosi kodwa abazi ukuthi amacala abekwe wona yimaphi.
Umholi we-Democratic Alliance oThukela u-Alf Lees uthe bafuna axoshwe ngoba usolwa ngokuvukela umbuso nokugqugquzela udlame.
“UNkosi wabanjwa kwikhamera eshisa amathayi ku-N11 mhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi ngowezi-2021 kanti waboshwa ngesikhathi eshisa amathayi futhi ngomhla ziyi-12 kuNtulikazi ngowezi-2021. Kusobala ukuthi lesi ngesinye futhi isibonelo semiphumela yenqubomgomo ye-ANC yokuthunyelwa kwezikhulu,” kusho uLees.
ULees uthe uNkosi ube nesandla ekucekelweni phansi kwempahla, ekulimaleni okukhulu komnotho nasekulahlekelweni kwemisebenzi esifundeni sasoThukela.