Umholi we-ANC uvuma elokunxenxa abantu bavotele i-MK

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Ilungu eliphezulu le-ANC esifundeni uMzala Nxumalo (Zululand) KwaZulu-Natal likuqinisekisile esidlangalaleni ukuthi lanxenxa amalungu eqembu ukuthi avotele iqembu loMkhonto weSizwe (MK) ngesikhathi sokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba. 

UMntwana uBonga Zulu, ongumholi we-ANC esifundeni sakwaNongoma, uthi amalungu alandele izeluleko zakhe futhi lokho kumenze wagculiseka kakhulu. 

Lokhu okushiwo uZulu kuqinisekisa izinsolo osekunesikhathi eside zikhona zokuthi amanye amalungu e-ANC asebenzela isinyenyela iqembu le-MK eliholwa owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma. 

Embhalweni wakhe ku-Facebook wangoLwesithathu mhla zintathu kuNtulikazi, uZulu ubhale wathi: “Ngifisa ukubonga wonke amalungu e-ANC ewadini lesishiyagalolunye kwaNongoma … engawacela ukuthi avotele i-MKP akwenza lokho futhi ashiya uphawu. Engikushoyo ukuthi Jikijele Mkhonto Jikijela.”  

UZulu uqinisekise ku-Scrolla.Africa ukuthi nguyena owabhala lolu daba. 

Uthe uyaziqhenya ngesenzo sakhe waqinisekisa ukuthi useyilungu le-ANC nakuba ezimisele ngokusula emasontweni azayo. 

UZulu uthe ucasulwe ngabaholi be-ANC esifundeni abamphethe kabi, okwathi ngosuku lokhetho beza kuye bezocela ukwesekwa ekuhlanganiseni amavolontiya nama-ejenti. 

“Ngisamukele isicelo sabo sokuthi ngibahlanganisele,” kusho uZulu. “Kodwa, ngemuva kokuthola ama-ejenti namavolontiya ababewafuna, ngabatshela ukuthi bavotele uMkhonto futhi ngiyajabula ukuthi bakwenzile lokho.” 

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wasuswa emaqenjini ka-WhatsApp asemthethweni eqembu elibusayo ngoNdasa ngemuva kokuthi igama lakhe kuthiwe lavela kwelinye lamaqembu ka-WhatsApp le-MK. 

UZulu uthe izinkinga zakhe ne-ANC zaqala ngomhlaka-16 kuZibandlela ngesikhathi uZuma ememezela ukuthi uzokhankasa avotele i-MK. Ube esephawula kwamanye amaqabane e-ANC ekhombisa ukweseka uZuma. 

UMnuz Ntokozo Nxumalo, onguNobhala we-ANC esifundeni uthe iqembu alikakutholi ukwesula kukaZulu futhi bazophenya ngalokhu akubhalile ku-Facebook. 

“Anginaso isiqiniseko sokuthi uBonga Zulu we-ANC yini lona obhale lokhu ku-Facebook. Futhi, asikayitholi incwadi yokwesula evela kuBonga Zulu.  Sizoluphenya lolu daba bese sazisa abezindaba ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNxumalo. 

Esithombeni esingenhla: UMntwana uBonga Zulu uthi wanxenxa amalungu e-ANC ukuthi avotele i-MK. 

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva