Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- UThabang Nkadimeng uthi amaphoyisa ase-Tsakani amshayile aphinde amphuca u-R500 ngesikhathi ezama ukubika ubugebengu.
- Amaphoyisa aseGoli athembise ukuthi azophenya ngezinsolo zokushaya, ukweba nokuhluleka ukusiza ekamu lamaphoyisa e-Tsakani.
Owesilisa uthi amaphoyisa amshayile aphinde amphuca imali ngesikhathi ezama ukubika ubugebengu ekamu lamaphoyisa e-Tsakani, Ekurhuleni.
UThabang Nkadimeng ubeyobika ngomuntu omkhombe ngesibhamu mhla zintathu kuLwezi. Kodwa amaphoyisa athe angeke akwazi ukusiza ngoba izintambo ezisiza ukudonsa emoyeni ingqalasizinda yokuxhumana nezingcingo zabo akusebenzi.
“Elinye lamaphoyisa liye langithuka ngesikhathi ngibuza ukuthi kwenzeke kanjani lokhu,” kusho uNkadimeng etshela i-Scrolla.Africa.
“Babe sebengishaya bangihudulela ezitokisini, bathatha ibhande lami, izintambo zezicathulo nemali engu-R500 ngaphambi kokungithela ngamanzi abandayo. Bengilokhu ngibuza ukuthi ngenze liphi icala kodwa akekho obefuna ukungiphendula,” usho kanje.
Amaphoyisa amdedele ngehora lesihlanu ekuseni kodwa asabisa ngokuthi azophinde ambophe ngesikhathi ecela ukubuyiselwa imali yakhe.
“Ngiye ekhaya ngayolanda ugogo saphindela emuva ukuyovula icala ukuze ngithole imali yami,” usho kanje.
“Amaphoyisa anqabile ukungisiza noma ukusho amagama awo. Elinye lingibuze ukuthi ngifunani ngoba udaba lwami baluxazululile. Ngibuze ukuthi yiliphi icala abaluxazululile uma bengeke bevule icala noma bangibuyise imali yami.”
UNkadimeng ufuna akhuzwe ngokusemthethweni amaphoyisa amshayile ngesikhathi edinga usizo.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uBrigadier Brenda Muridili uthe bazokhuluma noNkadimeng bese bethumela icala kwa-SAPS Inspectorate okuwuphiko elibheka ukuziphatha nokusebenza kwamaphoyisa.
“Izimangalo mayelana nesigameko sokushaya, ukuntshontshwa kwemali kanye namaphoyisa angavumanga ukuvula icala kuzophenywa,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: UThabang Nkadimeng.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo
